Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UEksodusi 26:31 - IsiZulu 2020

31 “Uyokwenza isihenqo ngokuluhlaza okwesibhakabhaka, ngokubukhwebezane, ngokubomvu, nangelineni lemicu ephothiweyo elicolekileyo, ingcweti isihlobise ngamakherubhi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

31 “Uyakwenza isihenqo ngokuluhlaza nangokububende nangokubomvu, nangelineni elicolekileyo lemicu ephothiweyo, libe namakherubi,* kube ngumsebenzi wengcweti,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

31 Uzakwenza isihenqo ngokububende nangokububende nangokubomvu, nelineni elicolekileyo lemicu ephindwe kabili, umsebenzi wobuciko; wenziwe ngamakherubi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UEksodusi 26:31
30 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Wenza isihenqo ngokuluhlaza, ngokububende, ngokubomvu nangelineni elicolekileyo, wabeka amakherubhi kuso.


Uma ngikhohlwa wena Jerusalema, isandla sami sokunene masikhohlwe ubuciko baso.


Uyokwenza amakherubhi amabili ngegolide elicangcathiweyo; uwabeke emphethweni wesihlalo somusa nxazombili zaso.


okuluhlaza okwesibhakabhaka, okubukhwebezane, okubomvu, ilineni elicolekileyo, uboya bezimbuzi;


“Uyokwenza ithabanakeli ngamakhethini alishumi enziwe ngelineni elicolekileyo lemicu ephothwe ngokuluhlaza okwesibhakabhaka, okubukhwebezane, nokubomvu. Ingcweti iwahlobise ngamakherubhi.


Uyosilengisa ezinsikeni ezine zokhuni lomkhambathi ezicakwe ngegolide, ezinezinkintsho zegolide, futhi zimi ezisekelweni ezine.


“Esangweni legceke kuyokuba khona isihenqo esingamakhubhithi angama-20; senziwe ngokuluhlaza okwesibhakabhaka, ngokubukhwebezane, ngokubomvu, nangelineni lemicu ephothiweyo elicolekileyo, okungumsebenzi womfekethisi. Siyakuba nezinsika ezine, nezisekelo ezine.


Ethendeni lokuhlangana, ngaphandle kwesihenqo esiphambi kwesivumelwano, u-Aroni namadodana akhe bayakuzinakekela phambi kukaSimakade, kusukela kusihlwa kuze kube sekuseni. Lokho kuyakuba yisimiso saphakade esiyakuhlonishwa ngabantu bakwa-Israyeli, izizukulwane ngezizukulwane.


“Uyokwenza isivikelo sesifuba sokwehlulela, ngobungcweti, uyakusenza ngendlela okwenziwe ngayo ingubo yamahlombe, sibe yigolide, okuluhlaza okwesibhakabhaka, okubukhwebezane, okubomvu, nokwelineni lemicu ephothiweyo elicolekileyo.


umphongolo nezingongolo zawo, isihlalo somusa, namakhethini okuhenqa;


Bonke abesifazane ababenekhono, baphotha ngezandla zabo, base beletha lokho ababekuphothile okuluhlaza okwesibhakabhaka, okubukhwebezane, okubomvu, nelineni elicolekileyo.


Ubagcwalise ngokuhlakanipha ukuba benze yonke imisebenzi eyenziwa ngumqophi, ingcweti, nomfekethisi, ngokuluhlaza okwesibhakabhaka, ngokubukhwezane, ngokubomvu, nangelineni elicolekileyo, nemisebenzi yomaluki, eyalabo abenza noma yimuphi umsebenzi, nabenza imisebenzi yobungcweti.


ngokuluhlaza okwesibhakabhaka, ngokubukhwebezane, ngokubomvu, ngelineni elicolekileyo, ngoboya bezimbuzi;


Benza ikhethini ngokuluhlaza okwesibhakabhaka, ngokubukhwebezane, ngokubomvu, nangelineni lemicu ephothiweyo elicolekileyo, lahlotshiswa ngamakherubhi ngobungcweti obukhulu.


Balenzela izinsika ezine ngokhuni lomkhambathi bazicaka ngegolide, izinkintsho zalo ziyigolide. Balenzela nezisekelo ezine zesiliva.


Bonke ababeyizingcweti phakathi kwabo, bakha ithabanakeli ngamakhethini alishumi elineni lemicu ephothiweyo elicolekileyo, nangokuluhlaza okwesibhakabhaka, ngokubukhwebezane, nangokubomvu, kwathi ngobugcweti obukhulu bawahlobisa ngamakherubhi.


Wayeno-Oholiyabhe indodana ka-Ahisamakhi wesizwana sakwaDani, umqophi, nengcweti yokuhlobisa, ngokuluhlaza okwesibhakabhaka, ngokubukhwebezane, ngokubomvu, nangelineni elicolekileyo.


Wawungenisa umphongolo ethabanakelini, wamisa isihenqo sokuhenqela umphongolo wesivumelwano, njengalokhu uSimakade ayemyalile uMose.


Uyakufaka kulo umphongolo wesivumelwano, bese uwuhenqela umphongolo ngesihenqo.


Zaze zazinhle izinyawo zakho ezimbadadeni, wena ndodakazi yesikhulu! Amathanga akho ayizindilinga anjengemihlobiso, umsebenzi wezandla zengcweti.


Uyohlaba impongo ibe ngumnikelo wesono wabantu, alethe igazi layo ngaphakathi kwesihenqo, enze ngalo njengalokhu enzile ngegazi lenkunzi, alifafaze phezu kwesihlalo somusa naphambi kwaso.


USimakade wathi kuMose: “Khuluma no-Aroni, umfowenu, ukuba angangeni noma nini endaweni engcwele emva kwesihenqo phambi kwesihlalo somusa esiphezu komphongolo, ukuze angafi, ngokuba ngiyabonakala efini phezu kwesihlalo somusa.”


Uma inkambu ithutha, u-Aroni uyakungena namadodana akhe, behlise ikhethini elihenqile, bamboze ngalo umphongolo wobufakazi.


Isihenqo sethempeli sadabuka kabili; kusukela phezulu kuze kufike phansi. Umhlaba wazamazama, amadwala aqhekezeka,


Isihenqo sethempeli sadabuka kabili, kusuka phezulu kuze kufike phansi.


Ilanga lafiphala, isihenqo sethempeli sadabuka phakathi.


Yena ungukuthula kwethu, owenza okubili kwaba kunye, wabhidliza udonga olwehlukanisayo olungubutha enyameni yakhe.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ