Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UEksodusi 23:32 - IsiZulu 2020

32 Ningenzi isivumelwano nazo, noma nonkulunkulu bazo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

32 Awuyikwenza sivumelwano nabo nawonkulunkulu babo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

32 Aniyikwenza isivumelwano nabo noma nawonkulunkulu babo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UEksodusi 23:32
17 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

bazihlanganisa nabezizwe, bafunda ukugila imikhuba yabo.


“Kuqapheleni konke engikusho kini. Ningakhuleki emagameni abanye onkulunkulu; ningawaphathi ngisho nangemilomo yenu amagama abo.”


Ungabakhothameli onkulunkulu bawo, ungahuheki ukuba ubakhonze, ungazenzi izinto azenzayo. Kodwa uyobabhidliza onkulunkulu bawo, ucekele phansi izinsika zabo zamatshe.


Qikelela ukuba ungenzi isivumelwano nabantu bezwe oya kulo, funa babe lugibe kuwe.


Awuyukwenza isivumelwano nabantu balelo lizwe. Kuyothi lapho bephinga nonkulunkulu babo, bebahlabela imihlatshelo, omunye kubo akumeme, bese udla umhlatshelo wakhe;


Unakuvumelana kuni uKhristu noBheliyali na? Unasabelo sini okholwayo nongakholwayo na?


ukuze banganifundisi ukwenza zonke izinengiso zabo abazenzele onkulunkulu babo, bese nona kuSimakade uNkulunkulu wenu.


USimakade uyozinikela kini, nenze kuzo ngokwemiyalo yonke enginiyale ngayo.


“Kuyothi lapho uSimakade uNkulunkulu wakho ekungenisa ezweni oya kulo ukuba ulidle, axoshe izizwe eziningi phambi kwakho, amaHithi, amaGirigashi, ama-Amori, amaKhanani, amaPherizi, amaHivi, namaJebusi; izizwe eziyisikhombisa ezinkulu nezinamandla kunawe,


Uyakuziqeda nya zonke izizwe uSimakade uNkulunkulu wakho ayakuzinikela kuwe; iso lakho aliyukuzihawukela, awuyukubakhonza onkulunkulu bazo, ngokuba lokho kuyakuba lugibe kuwe.


nalapho uSimakade uNkulunkulu wakho ezinikela phambi kwakho ukuba uzinqobe, uyozibhubhisa uziqede nya, awuyukwenza isivumelwano nazo, ungabi namusa kuzo.


UJoshuwa walinqoba lonke izwe lezintaba, iNegevu, amathafa, imithambeka, namakhosi wonke alo; akashiyanga nayinye. Wakuqothula konke okuphefumulayo njengokuyala kukaSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli.


Kepha abakwa-Israyeli bathi kumaHivi: “Mhlawumbe nje nihlala phakathi kwethu; singasenza kanjani-ke isivumelwano nani, na?”


Nani-ke ningasenzi isivumelwano nezakhamuzi zakuleli lizwe. Bhidlizani ama-althare azo.’ Kepha aniwulalelanga umyalo wami. Bonani enikwenzileyo.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ