Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UEksodusi 22:29 - IsiZulu 2020

29 “Awuyukukhohlwa ukuletha iminikelo yesivuno sakho sokusanhlamvu nesewayini. “Amazibulo amadodana akho uyakuwanika Mina.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

29 “Awuyikulibala neminikelo yamabele neyewayini. Wonginika izibulo emadodaneni akho.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

29 Ungalibali ukunikela ngolibo lwesithelo sakho esivuthiweyo nokwaphuzo lwakho; izibulo lamadodana akho uyakunginika Mina.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UEksodusi 22:29
19 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Kwafika umuntu waseBhali Shalisha elethele umuntu kaNkulunkulu ukudla kolibo lokuqala, izinkwa zebhali ezingama-20 nezikhwebu ezintsha zamabele emgodleni wakhe. Wathi: “Banike abantu ukuba badle.”


Lathi ukuba leli lizwi lisabalale, abantu bakwa-Israyeli banikela kakhulu ngolibo lokusanhlamvu, olwewayini, olwamafutha, oloju, nolwazo zonke izithelo zamasimu nokweshumi kwakho konke, bakuletha okweshumi kwakho konke lokhu.


uyonikela ngawo wonke amazibulo kuSimakade, wonke amazibulo, amazibulo ezinkomo, nawo wonke amaduna ngakaSimakade.


“Ngihlukanisele wonke amazibulo; noma yiliphi izibulo elivule isibeletho kwabakwa-Israyeli, kubantu nezilwane, ngokuba lingelami.”


“Ngenyanga u-Abibi, inyanga owaphuma ngayo eGibhithe, uyogubha umkhosi wesinkwa esingenamvubelo ngendlela engakuyala ngayo. Ezinsukwini eziyisikhombisa zalo mkhosi ungasidli isinkwa esinemvubelo. Makungezi muntu phambi kwami engaphethe lutho.


“Uyogubha umkhosi wokuvuna wezithelo zokuqala zomsebenzi wakho owuhlwanyele ensimini. “Ugubhe umkhosi wokuqoqa konke okulime ensimini ekupheleni konyaka.


“Ngonyaka uyoletha endlini kaSimakade uNkulunkulu wakho okwekhethelo kwesivuno sakho sokuqala. “Ungalipheki izinyane lembuzi obisini lukanina.”


“Wonke amazibulo angawami, ngisho namazibulo amaduna emfuyweni yakho, namazibulo ezinkomo zakho nezimvu zakho.


“Izibulo lembongolo uyolihlenga ngewundlu; uma ungalihlengi, uyolephula intamo. Wonke amazibulo emadodaneni akho uyowahlenga. Akuyukuza muntu phambi kwami engaphethe lutho.


Ngokuba entabeni yami engcwele, esicongweni sentaba yakwa-Israyeli, yonke indlu yakwa-Israyeli iyakungikhonza kuyo ezweni; ngiyakubemukela khona, ngifune iminikelo yenu, okwekhethelo kwenu nakho konke okungcwele okungokwenu,” ’ ” kusho iNkosi uSimakade.


“Uma kuzalwa inkunzi noma inqama noma impongo, iyohlala nonina izinsuku eziyisikhombisa; ngosuku lwesishiyagalombili kuqhubeka iyokwemukeleka ukuba ibe ngumnikelo womlilo kuSimakade.


Maye kimi! Ngokuba sengifana nokuvunwa kwezithelo zasehlobo, nanjengokukhothozwa komvini, akukho hlukuzo lamagilebhisi elingadliwa, iphango lami linxanela amakhiwane okuqala.


Ulibo lwakho konke okusezweni lakubo abaluletha kuSimakade luyakuba ngolwakho. Yilowo nalowo ohlambulukileyo kwabendlu yakho uyakukudla.


Kodwa funani kuqala umbuso wakhe nokulunga kwakhe, yikhona konke lokhu kuyakwenezelelwa kinina.


Akusikho nje lokho kuphela, kodwa nathi uqobo lwethu esinolibo lokuqala lukaMoya, siyabubula phakathi kwethu; silindele ngethemba elikhulu isimo sobuntwana, ukukhululwa komzimba wethu.


“Wonke amazibulo amaduna ayozalwa ezinkomeni zakho nasezimvini zakho uyowangcwelisela uSimakade uNkulunkulu wakho; awuyukusebenza ngezibulo lezinkomo zakho, awuyukuligunda izibulo lezimvu zakho.


Wasizala ngezwi leqiniso ngokuthanda kwakhe, ukuze sibe ngamazibulo ezidalwa zakhe.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ