Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UEksodusi 22:24 - IsiZulu 2020

24 ulaka lwami luvuthe, nginibulale ngenkemba, omkenu babe ngabafelokazi, izingane zenu zibe yizintandane.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

24 ulaka lwami luyakuvutha, ngikubulale ngenkemba; omkenu babe ngabafelokazi, abantwana benu babe yizintandane.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

24 Futhi intukuthelo yami iyovutha, futhi ngizonibulala ngenkemba; omkenu bayakuba ngabafelokazi nabantwana benu babe yizintandane.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UEksodusi 22:24
21 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Ngacabangisisa ngalolu daba, izikhulu nabaholi ngababeka icala, ngathi kubo: “Nina nonke nibakhokhisa inzalo abantu bakini.” Ngabiza ibandla elikhulu ukuba libhekane nabo.


Ngokuba ngiyayesaba inhlekelele eyehliswa nguNkulunkulu; anginakwenza lutho ngenxa yobukhulu bakhe.


Ngokuba umlomo womubi nomlomo wenkohliso kumelene nami, kuqamba amanga ngami.


Abantwana bakhe babe yizintandane, umkakhe abe ngumfelokazi.


ongatshelekisi ngemali ukuba athole inzuzo, nongadizelwa ukuze alahle ngecala omsulwa. Owenza lezi zinto akasoze azanyazanyiswa, kuze kube phakade.


Ukunengwa kwakho kuthele phezu kwabo, intukuthelo yakho evuthayo ibafice.


Wena, yebo, Wena uyesabeka; ngubani ongema phambi kwakho lapho uthukuthele na?


Ngubani owazi amandla entukuthelo yakho nolaka lwakho olunjengokwesabeka kwakho na?


Abafelokazi babo baningi kimi kunesihlabathi solwandle; ngehlisele phezu kwawonina bezinsizwa umbhubhisi emini kwabha, ngehlisele phezu kwakhe ngokushesha, ukwesaba nengebhe.


Ngakho-ke nikela abantwana babo endlaleni, ubanikele emandleni enkemba; abafazi babo bangabi nabantwana, babe ngabafelokazi, amadodana abo abulawe wubhubhane, nezinsizwa zabo zibhuqwe ngenkemba empini.


Siyizintandane, asinababa, omama bethu sebefana nabafelokazi.


“ ‘Uma umfowenu eba mpofu, bese encika kuwe, uyakumsekela, ahlale nawe njengomfokazi nogogobele kwakho.


Awuyukuthatha kuye inzalo nenzuzo, kodwa uyomesaba uNkulunkulu wakho, ukuze umfowenu ahlale nawe.


Ngubani ongamelana nentukuthelo yakhe na? Ngubani ongabekezelela ulaka lwakhe oluvuthayo na? Ulaka lwakhe luthululwe njengomlilo, namadwala ayaqhekezeka phambi kwakhe.


Yiphani, khona niyakuphiwa; bayakunipha eziqabethweni zenu isilinganiso esihle, esigxishiweyo, sashukuziswa, sagcwala phama, ngokuba ngesilinganiso enilinganisa ngaso, nani niyakulinganiselwa ngaso.”


Umfokazi ungamtsheleka bese ufuna inzalo, kodwa umfowenu awuyukumtsheleka bese ufuna inzalo ukuze uSimakade uNkulunkulu wakho akubusise kukho konke obeka kukho isandla sakho ezweni ongena kulo, ukulidla.


“Uma wenza isifungo kuSimakade uNkulunkulu wakho, ungalibali ukusifeza, ngokuba uSimakade uNkulunkulu wakho ulindele ukuba usifeze impela, ukungasifezi kuyakuba yisono kuwe.


Kuyinto esabekayo ukuwela ezandleni zikaNkulunkulu ophilayo.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ