Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UEksodusi 22:22 - IsiZulu 2020

22 Aniyukumhlupha umfelokazi nentandane.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

22 “Aniyikuhlupha mfelokazi nentandane.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

22 Akumelwe nicindezele noma yimuphi umfelokazi noma intandane.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UEksodusi 22:22
23 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

“Uma ngigodlele ompofu lokho akufisayo, ngenza amehlo omfelokazi ukuba afiphale,


Benza ukuba ukukhala kwabampofu kufinyelele kuye, wakuzwa ukukhala kwabahluphekayo.


Kepha Wena uyamqaphela osenkathazweni nasosizini, wenze okuthile ngaye. Abampofu bangethembela kuwe, nezintandane ngokunjalo.


Ingelosi kaSimakade ikanisa nxazonke kulabo abamesabayo, ibakhulule.


ngokuba uSimakade uyayimela indaba yabo, kuthi ababephucayo Yena abephuce ukuphila kwabo.


Ungasusi isikhonkwane esidala, ungangeni emasimini ezintandane,


ngokuba umhlengi wazo unamandla; uyakuyimela indaba yazo.


Fundani ukwenza okuhle, nifune ubulungiswa, nimelane nabacindezeli, nivikele izintandane, nimele abafelokazi.


Izikhulu zakho zingabahlubuki nabangani bamasela; bonke bathanda ukufunjathiswa, balandela izipho nemivuzo. Abazivikeli izintandane, nendaba yomfelokazi ayifinyeleli kubo.


ukuhlanekezela ubulungiswa kwabantulayo, nokuqola abantu bami abampofu amalungelo abo, ukuze abafelokazi babe yimpango yabo, nezintandane zibe yisisulu sabo.


ningacindezeli umfokazi, intandane nomfelokazi, ningachithi gazi elingenacala kule ndawo, futhi ningabalandeli abanye onkulunkulu, funa nilimale,


ngiyakunenza nina nakhe kule ndawo, ezweni engalinika okhokho benu, kusukela emandulo kuze kube phakade.


Babaphatha ngendlakadla oyise nonina kuwe, abafokazi abagogobele kuwe babacindezela, kwathi izintandane nabafokazi abakuwe baphathwa kabi.


Ningacindezeli abafelokazi, izintandane, abafokazi, nabampofu. Kungabi bikho odlinzela omunye okubi enhliziyweni yakhe.’


“Ngiyakusondela kini ukuzokwehlulela. Ngiyakushesha ngifakaze ngimelane nabalumbi, iziphingi, abafunga amanga, nababamba umholo womqashwa ngokungafanele, bacindezele abafelokazi nezintandane, babaphathe kabi abafokazi, futhi nami bangangesabi,” kusho uSimakade Wamabandla.


Maye, kini zazimthetho nabaFarisi, bazenzisi, ngokuba nidla izindlu zabafelokazi, nenze imikhuleko emide nizenzisa! Ngakho-ke niyakwemukeliswa ukulahlwa okukhulu.


Izintandane nomfelokazi ubenzela ubulungiswa. Uyathanda umfokazi, umnika ukudla nezingubo.


Qaphelani ukuba ningabi nomcabango omubi enhliziyweni yenu, nithi: ‘Unyaka wesikhombisa, unyaka woyekelelo ususondele,’ bese nimbheka kabi umfowenu ompofu, ningabe nisamnika lutho. Kuyothi lapho ekhala kuSimakade ngani, lokho kube yisono sakho.


“Awuyukuhlanekezela ubulungiswa lapho ubhekene nomfokazi noma intandane, futhi ungayithathi ingubo yomfelokazi ibe yisibambiso,


kepha uyokhumbula ukuthi wawuyisigqila eGibhithe nokuthi uSimakade uNkulunkulu wakho wakuhlenga lapho; ngalokho ngiyakuyala ukuba wenze lokhu.


“ ‘Makaqalekiswe ohlanekezela isehlulelo kongumfokazi, intandane, nongumfelokazi.’ “Bonke abantu bayothi: ‘Amen.’


Ukukholwa okumhlophe nokungangcolisiwe phambi kukaNkulunkulu uBaba yilokhu: ukuhambela izintandane nabafelokazi osizini lwabo, nokuba umuntu azigcine engenacala lokwezwe.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ