18 “Awuyukumvumela umlumbikazi aphile.
18 “Ungavumi ukuba umlumbikazi aphile.
18 Ungavumeli umthakathi aphile.
AbaseGibhithe bayokhanywa baphele umoya, ngizowabhuntshisa amacebo abo. Bayofuna, bahlole konkulunkulu mbumbulu, nasemimoyeni yabafileyo, nasemadlozini, nakubathakathi.
ngokuba baphrofetha kini amanga, ukuze nisuswe ezweni lakini, niyiswe kude; ngiyakunixosha, niphele nya.
Kepha nina ningabalaleli abaphrofethi benu, ababhuli benu, namaphupho enu, nabahlola imihlola phakathi kwenu, nabalumbi benu abakhuluma kini, bethi: ‘Aniyukuyikhonza inkosi yaseBhabhele,’
“ ‘Awuyukulala nesilwane uzingcolise ngaso; nowesifazane akayukuma phambi kwesilwane ukuba alale naso; kuyichilo.
“ ‘Aniyukudla lutho olunegazi, aniyukwenza imilingo, noma nihumushe izimpawu.
“ ‘Aniyukuphendukela emadlozini nakubathakathi, ningazingcolisi ngabo; nginguSimakade uNkulunkulu wenu.
“ ‘Owesilisa noma owesifazane ongenwe yidlozi, noma ngumoya wokubhula, uyobulawa nokubulawa, akhandwe ngamatshe, igazi lakhe libe phezu kwakhe.’ ”
“ ‘Nalowo muntu oyakuphendukela kwabanamadlozi nakwabathakathayo ukuba aphinge nabo, ngiyomelana nalowo muntu, ngimnqume kubantu bakubo.
Kepha abanye balabo ababenza imilingo baqoqa izincwadi zabo, bazishisa phambi kwabo bonke. Lapho sekubalwa inani lazo, kwatholakala ukuthi liyizinhlamvu zesiliva eziyizi-50 000.
ukukhonza izithombe, ukuthakatha, ubutha, ukulwa, umona, ulaka, ubugovu, ukwehlukana, ukuba maqembuqembu,
“ ‘Makaqalekiswe olala nesilwane.’ “Bonke abantu bayothi: ‘Amen.’
Ngaphandle kukhona izinja, abathakathi, izifebe, ababulali, abakhonza izithombe, nabo bonke abathanda nabenza amanga.
USamuweli wafa; wonke u-Israyeli wamkhalela, wamngcwaba emzini wakhe, eRama. USawule wayebaxoshile ezweni bonke abantu abanamadlozi nabathakathi phakathi kwesizwe.
Owesifazane wathi: “Uyabona-ke, wazi kahle ukuthi uSawule wenzeni, ubabhubhisile ezweni abanamadlozi nabathakathi; manje kungani ungibekela ugibe ukuze ungibulale na?”