Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UEksodusi 21:20 - IsiZulu 2020

20 “Uma indoda ishaye isigqila sayo sesilisa noma sesifazane ngenduku saze safa phansi kwesandla sayo, kufanele ijeziswe nokujeziswa,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

20 “Uma umuntu eshaya isigqila sakhe noma isigqilakazi sakhe ngenduku, size sife phansi kwesandla sakhe, wojeziswa nokujeziswa.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

20 Uma umuntu eshaya inceku yakhe noma incekukazi yakhe ngodondolo, futhi ife ngesandla sakhe; nakanjani uzojeziswa.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UEksodusi 21:20
12 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

USimakade wathi kuye: “Akusoze kwenzeka lokho, ngoba uma umuntu ekubulala, uyojeziswa kasikhombisa.” USimakade wayesembeka uphawu uKhayini ukuze lwexwayise noma ngubani ohlangana naye angambulali.


Uma uKhayini eyophindiselwa kasikhombisa, uLameki uyophindiselelwa kamashumi ayisikhombisa nesikhombisa.”


“Ochitha igazi lomuntu, nelakhe liyochithwa ngumuntu, ngokuba umuntu wadalwa nguNkulunkulu, wamenza wafana naye.


uma elulama, akwazi ukuzihambela phandle ngenduku, owamshayayo akayukujeziswa, nokho uyomkhokhela ngesikhathi sakhe esichithekileyo, elashwe aze alulame.


kodwa uma leso sigqila siphile izinsukwana ezimbili noma ezintathu ayiyukujeziswa, ngokuba isigqila siyimpahla yayo.


Inceku ayisolwa ngamazwi nje, ngokuba noma iqonda ayiyukulalela.


Umphindiseli wegazi lapho ehlangana nombulali uyakumbulala.


ngokuba uyisikhonzi sikaNkulunkulu, ukuze sikwenzele okuhle. Kepha uma wenza okubi, yesaba, ngokuba akayiphatheli ize inkemba, phela uyisikhonzi sikaNkulunkulu, nophindisela ulaka kulowo owenza okubi.


Iso lakho aliyukuhawukela; makube ngukuphila ngokuphila, iso ngeso, izinyo ngezinyo, isandla ngesandla, unyawo ngonyawo.”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ