Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UEksodusi 20:8 - IsiZulu 2020

8 Khumbula usuku lwesabatha, ulungcwelise.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 “Khumbula usuku lwesabatha, ulungcwelise.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Khumbula usuku lwesabatha, ulungcwelise.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UEksodusi 20:8
22 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Kuthe ngosuku lwesikhombisa uNkulunkulu esewuqedile wonke umsebenzi ayewenza, wayesephumula.


Ngakho-ke uNkulunkulu walubusisa usuku lwesikhombisa walungcwelisa, ngokuba ngalo uNkulunkulu waphumula kuwo wonke umsebenzi ayesewudalile, wawenza.


Ngalezo zinsuku ngabona abantu kwaJuda bekhama amagilebhisi ngeSabatha. Abanye babethwese izimbongolo zabo okusanhlamvu, iwayini, amagilebhisi, amakhiwane nezinye izinto, bekuyisa eJerusalema; ngabexwayisa ukuthi bangathengisi lutho ngeSabatha.


Wabazisa ngeSabatha lakho elingcwele, wabashayela imithetho, izimiso nemiyalelo ngenceku yakho uMose.


“Uyakusebenza izinsuku eziyisithupha, uphumule ngosuku lwesikhombisa, ukuze inkabi yakho, nembongolo yakho kuphumule, nesigqila esizalelwe kwakho, nogogobele kwakho bahlunyelelwe.


UMose walihlanganisa lonke ibandla lakwa-Israyeli, wathi kulo: “Yilokhu uSimakade aniyala ngakho ukuba nikwenze:


Ubusisiwe umuntu oyokwenza lokhu, nendodana yomuntu eyobambelela kukho, oyogcina isabatha angalingcolisi, noyobamba isandla sakhe ukuba singenzi nayikuphi okubi.”


“Uma uzinqanda ekungcoliseni isabatha, ungenzi umsebenzi wakho ngosuku lwami olungcwele; isabatha ulibize ngokuthi yintokozo, nosuku olungcwele lukaSimakade ngokuthi luhloniphekile, uluhloniphe; ungahambi ngezindlela zakho, wenza okuthandwa nguwe noma imisebenzi yakho,


Usho kanje uSimakade, uthi: “Xwayani ngenxa yemiphefumulo yenu, ukuba ningathwali mthwalo ngosuku lwesabatha, ningawungenisi emasangweni eJerusalema,


futhi ningakhiphi mthwalo ezindlini zenu ngosuku lwesabatha, futhi ningenzi msebenzi, kodwa lungcweliseni usuku lwesabatha, njengalokhu ngabayala okhokho benu,


Kuyakuthi uma ningilalelisisa,” kusho uSimakade, “ningangenisi mthwalo emasangweni alo muzi ngosuku lwesabatha, kepha nilungcwelise usuku lwesabatha, ukuze ningenzi noma yimuphi umsebenzi ngalo,


angcweliswe amasabatha ami, abe yisibonakaliso phakathi kwami nani, ukuze nazi ukuthi nginguSimakade uNkulunkulu wenu.”


“ ‘Yilowo nalowo uyohlonipha uyise nonina, agcine amasabatha ami; nginguSimakade uNkulunkulu wenu.


“ ‘Anogcina amasabatha ami, nihloniphe indawo yami engcwele; nginguSimakade.


“ ‘Uyokwenza umsebenzi ngezinsuku eziyisithupha, kepha usuku lwesikhombisa luyisabatha; lusuku lokuphumula lomhlangano ongcwele. Awuyukwenza msebenzi ngalo, luyisabatha kuSimakade kuzo zonke izindlu zenu.


“ ‘Niyogcina amasabatha ami, nihloniphe indawo yami engcwele; nginguSimakade.


Abantu bakwa-Israyeli besesehlane, bafumana umuntu etheza izinkuni ngosuku lwesabatha.


“ ‘Gcina usuku lwesabatha, ulungcwelise, njengalokhu uSimakade uNkulunkulu wakho ekuyalile.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ