Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UEksodusi 20:24 - IsiZulu 2020

24 Niyakungakhela i-althare ngomhlabathi, nenze phezu kwalo imihlatshelo yokushishwa neyokuthula, ngezimvu nezinkomo zenu, kuzo zonke izindawo lapho ngenza khona ukuba igama lami likhunjulwe, ngiyakuza nginibusise.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

24 “ ‘Wongenzela i-altare lomhlabathi, unikele phezu kwalo iminikelo yakho yokushiswa neminikelo yakho yokuthula, izimvu zakho nezinkomo zakho; ezindaweni zonke lapho ngilenza ukuba likhunjulwe khona igama lami, ngiyakuza kuwe, ngikubusise.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

24 Ungenzele i-altare lomhlabathi, unikele phezu kwalo iminikelo yakho yokushiswa neminikelo yakho yokubonga, izimvu zakho nezinkomo zakho phezu kwalo; kuzo zonke izindawo lapho engichaza khona igama lami, ngizoza kuwe futhi ngikubusise.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UEksodusi 20:24
44 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Ngizokwenza ube yisizwe esikhulu, ngikubusise, ngikunike udumo, wena ube yisibusiso.


Inkosi uDavide yabikelwa ukuthi uSimakade uyibusisile indlu ka-Obhede Edomi nakho konke okwakhe ngenxa yomphongolo kaNkulunkulu. UDavide wahamba wawunyusa umphongolo kaNkulunkulu endlini ka-Obhede Edomi, wawuyisa emzini kaDavide, ethokozile.


ukuba amehlo akho ayibheke le ndlu ubusuku nemini, indawo owathi ngayo: ‘Igama lami liyakuba khona lapho,’ ukuze ulalele umkhuleko inceku yakho eyakuwukhuleka ibhekene nale ndawo.


mawuzwe Wena usezulwini, indawo yakho ohlala kuyo, wenze njengakho konke owezizwe akucelile kuwe, ukuze bonke abantu bomhlaba balazi igama lakho, bakwesabe Wena njengabantu bakho, u-Israyeli, baze bazi ukuthi igama lakho libiziwe phezu kwale ndlu engiyakhileyo.


USimakade wathi kuye: “Ngiwuzwile umkhuleko wakho nokunxusa onxuse ngakho phambi kwami. Ngiyibusisile le ndlu oyakhileyo ukuba ngibeke igama lami kuyo kuze kube phakade. Amehlo ami nenhliziyo yami kuyakuhlala kuyo zonke izinsuku.


Wayesethi uNahamani: “Uma kungenjalo, inceku yakho mayinikwe umthwalo weminyuzi emibili womhlabathi, ngokuba inceku yakho ayisayukunikela ngomnikelo wokushiswa nomhlatshelo kwabanye onkulunkulu, kodwa kuSimakade kuphela.


Inkosi uRehobhowamu yaziqinisa eJerusalema. Yaqala ukubusa ineminyaka engama-41; yabusa iminyaka eli-17 eJerusalema, umuzi uSimakade ayewukhethe phakathi kwazo zonke izizwe zakwa-Israyeli ukuba abeke kuwo igama lakhe. Igama likanina kwakunguNahama, umAmonikazi.


kodwa ngilikhethile iJerusalema ukuba igama lami libe lapho, ngimkhethile noDavide ukuba abe phezu kwabantu bami, u-Israyeli.’


Le ndlu ngiyiqokile ngayingcwelisa ukuba igama lami libe kuyo kuze kube phakade. Amehlo ami nenhliziyo yami kuyakuba kuyo njalo.


UNkulunkulu owenza ukuba igama lakhe lihlale lapho, sengathi angasusa esikhundleni noma yiyiphi inkosi nesizwe okuzama ukuguqula lokhu, noma ukubhubhisa le ndlu kaNkulunkulu eseJerusalema. Mina Dariyu, ngishaye lo mthetho; mawuhlonishwe ngokucophelela.”


kodwa uma nibuyela kimi, nibuye nigcine imithetho yami, nenze enganiyala ngakho, ngiyoniqoqa lapho nikhona, nginibuyisele endaweni engayiqokela ukuba iGama lami lihlale kuyo, ngisho noma ngabe nisemikhawulweni yomhlaba.’


Ngizohamba ngobuqotho, ngingabi nacala. Uyakuza nini kimi na? Ngizohamba nginenhliziyo emsulwa endlini yami.


Izinyawo zethu sezimi emasangweni akho, Jerusalema,


Sengathi uSimakade angakubusisa eseZiyoni, ubone impumelelo yeJerusalema, zonke izinsuku zokuphila kwakho,


USimakade makakubusise eseZiyoni, Yena owenze izulu nomhlaba.


Indlu yakho engcwele zayokhela ngomlilo. Indlu yegama lakho zayidumaza, zayicekela phansi.


Ithabanakeli lakhe liseSalema, nendlu yakhe iseZiyoni.


Kepha yaqoka isizwe sakwaJuda, intaba iZiyoni eyithandayo.


UMose wathi: “Uyakusinika yini imihlatshelo neminikelo yokushiswa esiyoyinikela kuSimakade uNkulunkulu wethu na?


UJethro umukhwe kaMose, waletha umnikelo wokushiswa nemihlatshelo kuNkulunkulu; u-Aroni nawo wonke amalunga akwa-Israyeli beza bazokudla nomukhwe kaMose, phambi kukaNkulunkulu.


Uma ningakhela i-althare lamatshe, aniyukulakha ngamatshe abaziweyo, ngokuba nilingcolisile ngamashizolo eniwasebenzise kulo.


UMose wawabhala wonke amazwi kaSimakade. Wavuka ekuseni ngovivi, wakha i-althare phansi kwentaba, wamisa izinsika ezili-12 ngokwezizwe ezili-12 zakwa-Israyeli.


Wathuma izinsizwa zakwa-Israyeli zanikela ngeminikelo yokushiswa, zahlabela uSimakade amaduna ukuba abe yimihlatshelo yokuthula.


“I-althare uyolenza ngokhuni lomkhambathi; ubude balo bube ngamakhubhithi ayisihlanu, ububanzi balo bube ngamakhubhithi ayisihlanu. I-althare liyakuba yisikwele; ukuphakama kwalo kube ngamakhubhithi amathathu.


Uyabahlangabeza labo abakuthokozelayo ukwenza ukulunga, labo abakukhumbulayo ezindleleni zakho. Wena wathukuthela; thina sona, sahlala kukho isikhathi eside, pho siyosindiswa na?


kodwa angawulethi emnyango wethende lokuhlangana ukuba awunikele kuSimakade, lowo muntu uyakunqunywa kwabakubo.


“Ngokuba kusukela ekuphumeni kwelanga lize liyoshona iGama lami likhulu phakathi kwezizwe. Kuzo zonke izindawo iGama lami lilethelwa impepho neminikelo ehlanzekileyo, ngokuba likhulu iGama lami ezizweni,” kusho uSimakade Wamabandla.


“Ngokuba lapho kuhlangene khona ababili noma abathathu egameni lami, ngikhona lapho phakathi kwabo.”


Nibafundise ukukugcina konke enginiyale ngakho. Niyabona, Mina nginani izinsuku zonke, kuze kube sekupheleni kwezwe.”


Kuyokuthi indawo uSimakade uNkulunkulu wenu ayakuyikhetha ukuba kuhlale kuyo igama lakhe, nikuyise lapho konke enginiyala ngakho: iminikelo yenu yokushiswa, imihlatshelo yenu, okweshumi kwenu, umnikelo wokuphakanyiswa womkhiqizo wenu, nezithembiso zenu ezikhethiweyo enizethembisa uSimakade.


Uma indawo uSimakade uNkulunkulu wenu ayikhetha ukuba abeke kuyo igama lakhe ikude nani, niyohlaba emhlanjini wenu nasezimvini zenu aniphe zona uSimakade, njengalokhu nganiyala, niyokudla lokho phakathi kwamasango enu njengokufisa kwenhliziyo yenu.


Kepha indawo uSimakade uNkulunkulu wenu ayakuyikhetha, kuzo zonke izizwe zenu, ukuba abeke igama lakhe lihlale kuyo, leyo ndawo niyakuyifuna, niye kuyo,


Uyokudla phambi kukaSimakade uNkulunkulu wakho endaweni ayoyikhetha ukuba igama lakhe lihlale kuyo, okweshumi kokusanhlamvu kwakho, okwewayini lakho, okwamafutha akho, okwamazibulo ezinkomo zakho, nokwezimvu zakho, ukuze ufunde ukumesaba njalo uSimakade uNkulunkulu wakho.


Uyokwenama phambi kukaSimakade uNkulunkulu wakho, wena nendodana yakho, indodakazi yakho, inceku yakho, incekukazi yakho, umLevi ohlala emzini wakho, umfokazi, intandane, nomfelokazi ohlala phakathi kwenu, uyokwenza lokhu endaweni uSimakade uNkulunkulu wakho ayakuyikhetha ukuba igama lakhe lihlale khona.


Uyothatha ulibo lwezithelo zonke zomhlabathi oyoluvuna ezweni uSimakade uNkulunkulu wakho akunika lona, ulufake eqomeni, uye endaweni uSimakade uNkulunkulu wakho ayoyikhetha ukuba igama lakhe lihlale kuyo.


Uyakukuthanda, akubusise, akwandise, abusise nesithelo sesibeletho sakho, isithelo somhlabathi wakho, okusanhlamvu kwakho, iwayini lakho, amafutha akho, inzalo yezinkomo zakho, nezimvu zakho zande ezweni afunga ngalo kokhokho bakho ukukunika lona.


Ngalokho ngithanda ukuba amadoda akhuleke ezindaweni zonke, ephakamise izandla ezingcwele, engenalulaka nakuphikisana.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ