Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UEksodusi 20:23 - IsiZulu 2020

23 Aniyukuzenzela abanye onkulunkulu ngaphandle kwami, onkulunkulu besiliva noma begolide aniyukuzenzela bona.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

23 Aniyikwenza lutho olungaphandle kwami; onkulunkulu besiliva nawonkulunkulu begolide aniyikuzenzela bona.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

23 Ningangenzeli onkulunkulu besiliva, ningazenzeli onkulunkulu begolide.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UEksodusi 20:23
21 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Bamesaba uSimakade, baqhubeka nokukhonza onkulunkulu babo njengomthetho wezizwe ababethunjwe phakathi kwazo.


Lezi zizwe zesaba uSimakade, kodwa zakhonza izithombe zazo ezibaziweyo, kanjalo nabantwana bazo, nabantwana babantwana bazo; njengalokhu benzile oyise, zenza kanjalo nazo kuze kube namuhla.


UMose wabuyela kuSimakade, wathi: “Maye! Laba bantu benze isono esikhulu, bazenzele onkulunkulu ngegolide.


“ ‘ “Nina ndlu yakwa-Israyeli,” ’ ” kusho iNkosi uSimakade, “ ‘ “hambani; kube yilowo nalowo ayokhonza isithombe sakhe, kodwa kamuva niyakungilalela, ningabe nisalingcolisa igama lami elingcwele ngeminikelo yenu nangezithombe zenu.


Umbundu wabo bawubeka ngasembundwini wami, nensika yabo yomnyango eceleni kwensika yami, kwaba ludonga kuphela oluphakathi kwami nabo, balingcolisa igama lami elingcwele ngezinengiso zabo abazenzayo, yingakho-ke ngabaqeda ngolaka lwami.


kepha uziphakamisile wamelana neNkosi yasezulwini. Balethe kuwe izitsha zendlu yakhe; wena, nezinduna zakho, nomkakho, nezancinza zakho naphuza iwayini ngazo. Wena ubadumisile onkulunkulu besiliva, abegolide, abethusi, abensimbi, abomuthi, nabetshe, abangaboni, abangezwa, abangazi, kodwa awumdumisanga uNkulunkulu omphefumulo wakho usesandleni sakhe, nokungezakhe zonke izindlela zakho.


Baphuza iwayini, badumisa onkulunkulu begolide, abesiliva, abethusi, abensimbi, abomuthi nabetshe.


“ ‘Aniyukuphendukela konkulunkulu abayize, aniyukuzenzela izithombe ezakhiwe; nginguSimakade uNkulunkulu wenu.


nabakhothama ophahleni bekhuleka kulo ibandla lasezulwini, nabakhothamela ukufunga kuSimakade bebe befunga nakuMalkhamu,


“ ‘Makaqalekiswe umuntu owenza isithombe esibaziweyo nesibunjiweyo, isinengiso kuSimakade, umsebenzi wezandla zengcweti, asimise esithe.’ “Bonke abantu bayothi: ‘Amen.’


nizibonile izinengiso zazo, nezithombe zazo, zemithi, amatshe, isiliva, negolide, okwakuphakathi kwazo


Ngaphandle kukhona izinja, abathakathi, izifebe, ababulali, abakhonza izithombe, nabo bonke abathanda nabenza amanga.


Wazibuyisela kunina izinhlamvu zakhe zesiliva eziyi-1 100; unina wathi: “Leli siliva elisesandleni sami ngiyalingcwelisa kuSimakade ukuze indodana yami yenze isithombe esibaziweyo nesibunjiweyo, ngakho-ke manje ngilibuyisela kuwe.”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ