14 Ungaphingi.
14 “Ungaphingi.
Akamkhulu kule ndlu kunami, futhi akukho angigodlele khona ngaphandle kwakho, ngenxa yokuba ungumkakhe. Ngingakwenza kanjani-ke okubi kangaka, ngone kuNkulunkulu na?”
Sesiphelile isikhathi sokulila, uDavide wathumela, wayomlanda, wamngenisa esigodlweni sakhe, wamenza umkakhe; wamzalela indodana. Kepha lokho okwenziwa nguDavide kwaba kubi emehlweni kaSimakade.
“ ‘Awuyukulala nomkamakhelwane ukuzingcolisa ngaye.
“ ‘Umuntu ophinga nomfazi womunye, nomuntu ophinga nomfazi kamakhelwane wakhe, labo abaphingileyo bayakubulawa.
“Kanti uSimakade akabenzanga yini baba nyamanye na? Emoyeni nasenyameni bangabakhe. Kungani babe munye na? Wayefuna ulibo olunobuNkulunkulu. Ngakho-ke qaphela enhliziyweni yakho, ukuba ungamkhohlisi unkosikazi wobusha benu.
“Ngiyakusondela kini ukuzokwehlulela. Ngiyakushesha ngifakaze ngimelane nabalumbi, iziphingi, abafunga amanga, nababamba umholo womqashwa ngokungafanele, bacindezele abafelokazi nezintandane, babaphathe kabi abafokazi, futhi nami bangangesabi,” kusho uSimakade Wamabandla.
“Yisho kubantu bakwa-Israyeli, uthi kubo: ‘Uma umfazi womuntu ephambuka, angethembeki kuye,
Wathi kuye: “Miphi na?” UJesu wathi kuye: “Yile: Ungabulali, ungaphingi, ungebi, ungafakazi amanga;
Lokhu ukuthi: “Ungaphingi, ungabulali, ungebi, ungafisi,” noma ngabe ukhona omunye umyalo, kodwa kufingqwe kuleli lizwi elithi: “Wothanda umakhelwane wakho njengalokhu uzithanda wena.”
“ ‘Ungaphingi.
Ukuganana makuhlonishwe yibo bonke, umbhede mawungangcoliswa, ngokuba uNkulunkulu uyakuzehlulela izifebe nabaphingayo.
Ngokuba lowo owathi: “Ungaphingi,” wathi futhi: “Ungabulali,” uma-ke ungaphingi, kodwa ubulala, uyisephulamthetho.
Ziphingi, anazi yini ukuthi ukuthanda izwe kungubutha kuNkulunkulu na? Ngakho-ke lowo othanda ukuba ngumngani wezwe, uzenza isitha sikaNkulunkulu.
“Kepha amagwala, abangakholwayo, abanengekayo, ababulali, izifebe, abathakathi, abakhonza izithombe, nabo bonke abaqamba amanga, isabelo sabo siyakuba sechibini elivutha umlilo nesibabuli; lokho-ke ngukufa kwesibili.”