Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UEksodusi 2:23 - IsiZulu 2020

23 Sekwedlule izinsuku eziningi, inkosi yaseGibhithe yakhothama. Abantu bakwa-Israyeli babubula ngenxa yokucindezelwa, bakhala benxusa, ukukhala kwabo kwafinyelela kuNkulunkulu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

23 Kwathi sekudlulile izinsuku eziningi, inkosi yaseGibithe yafa; abakwa-Israyeli babubula ngenxa yobugqila, bakhala; ukukhala kwabo kwenyukela kuNkulunkulu ngobugqila babo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

23 Kwathi ngokuhamba kwesikhathi inkosi yaseGibhithe yafa, abantwana bakoIsrayeli babubula ngenxa yobugqili, bakhala inyembezi, bakhala kuNkulunkulu ngobugqili.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UEksodusi 2:23
31 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Ingelosi kaSimakade yathi kuye: “Ukhulelwe manje, uzozala indodana, uyiqambe igama uthi ngu-Ishmayeli, ngokuba uSimakade uluzwile usizi lwakho.


Wathi kuye: “Ukwenzeleni lokho na? Igazi lomnawakho liyakhala kimi lisemhlabathini!


“Wakubona ukuhlupheka kokhokho bethu eGibhithe nasoLwandle Lomhlanga, wakuzwa ukunxusa kwabo.


“Ngenxa yokwanda kokucindezelwa, abantu bayakhononda, bayakhala, banxusa ukusizwa esandleni esinamandla.


Simakade, yizwa umkhuleko wami, ukukhala kwami makufiyinyelele kuwe.


Ungangifihleli ubuso bakho ngosuku losizi lwami; beka indlebe yakho kimi, ngosuku engikumemeza ngalo, usheshe ungiphendule.


Kepha Wena Simakade, uthi: “Ngenxa yabampofu abaphangwayo, nababuswezi ababubulayo, ngizakuvuka,” kusho uSimakade, “ngimbeke endaweni ephephile, ayilangazelelayo.”


Ekuhluphekeni kwami ngakhala kuSimakade, ngakhala, uNkulunkulu walizwa izwi lami esethempelini lakhe; ukukhala kwami, kwafinyelela ezindlebeni zakhe.


benza impilo yabo yaba muncu ngokubasebenzisa kanzima odakeni nasezitinini, nasemisebenzini yonke emasimini. Babaphatha ngendlakadla enkulu kukho konke ababebenzisa khona.


USimakade wathi kuMose ekwaMidiyani: “Hamba ubuyele eGibhithe, ngokuba sebafa bonke abebefuna ukukubulala.”


Ngikuzwile futhi ukububula kwabantu bakwa-Israyeli abenziwe izigqila ngabaseGibhithe, ngase ngisikhumbula isivumelwano sami.


UMose wakhuluma kanjalo kubantu bakwa-Israyeli, kodwa abazange bamlalele, ngenxa yezinhliziyo ezincane nokusebenza kanzima.


UMose wayeseneminyaka engama-80, u-Aroni eneminyaka engama-83 ngesikhathi beyokhuluma noFaro.


Liyokuba yisibonakaliso nobufakazi kuSimakade Wamabandla eGibhithe. Bayokhala kuSimakade ngenxa yabacindezeli; abathumelele umkhululi, abavikele, abakhulule.


Isivini sikaSimakade Wamabandla yindlu ka-Israyeli, bonke abantu bakwaJuda bayisithombo sakhe esithandekayo; walindela ubulungiswa, kodwa kwachitheka igazi; wabheka ukulunga, kodwa kwaba ngukukhala.


Sakhala kuSimakade, walizwa izwi lethu, wathuma ingelosi, wasikhipha eGibhithe; bheka manje silapha eKadeshi, umuzi osemngceleni wezwe lakho.


“Kuthe sekwedlule iminyaka engama-40, kwabonakala kuye esehlane elingasentabeni iSinayi, ingelosi iselangabini lomlilo esihlahleni.


Uyoyikhokhela imali yayo ngosuku lwayo, lingaze lishone ilanga ungakwenzile lokho, ngokuba impofu, futhi ikhathazekile ngayo, funa ikhale kuSimakade ngenxa yakho, lokho kube yisono kuwe.


Bhekani, umholo wezisebenzi ezivuna emasimini enu, eniwugodlileyo uyakhala, nokukhala kwababevuna sekufinyelele ezindlebeni zeNkosi Yamabandla.


Abantu bakwa-Israyeli base bekhala kuSimakade becela usizo, ngokuba uJabhini wayenezinqola zempi ezenziwe ngensimbi ezingama-900. Wayebacindezele, ebaphethe ngonya olukhulu abakwa-Israyeli, iminyaka engama-20.


“Lapho uJakobe esefikile eGibhithe, okhokho benu bakhala kuSimakade. USimakade wathuma uMose no-Aroni, babakhipha okhokho benu eGibhithe, wabahlalisa kule ndawo.


“Kusasa ngalesi sikhathi ngizothumela kuwe umuntu wakwaBhenjamini; uyakumgcoba abe ngumholi wabantu bami u-Israyeli. Uyobasindisa abantu bami esandleni samaFilisti, ngokuba ngibabonile abantu bami, nokukhala kwabo sekufinyelele kimi.”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ