Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UEksodusi 2:11 - IsiZulu 2020

11 Langa limbe uMose esekhulile, waya kubantu bakubo, wabubona ubunzima ababebuthwele; wabona umGibhithe eshaya umHebheru ongomunye wabantu bakubo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 Kwathi ngalezo zinsuku uMose esekhulile, waphuma, waya kubafowabo, wabuka imithwalo yabo; wabona owaseGibithe eshaya umHeberu, omunye wabafowabo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

11 Ngalezo zinsuku uMose esekhulile waphuma ukuyobheka abafowabo nemithwalo yabo; futhi wabulala umGibhithe owayeshaye umHebheru, omunye wabafowabo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UEksodusi 2:11
13 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

AbaseGibhithe baqoka abaphathi bezigqila ukuze babagqilaze abantu bakwa-Israyeli ngokubaphoqa ukwenza umsebenzi onzima, bamakhele uFaro imizi yokugcina izinto ePhithomi naseRamesesi.


USimakade wathi: “Ngikubonile ukuhlupheka kwabantu bami abaseGibhithe, futhi ngikuzwile ukukhala kwabo ngenxa yababacindezelayo, ngiyakwazi nokuhlupheka kwabo.


Abaphathi babakwa-Israyeli ababebekwe yizinduna zikaFaro ukubaphatha, bashaywa, babuzwa ukuthi: “Aniwuqedanga ngani umsebenzi wezitini ebeniwunqunyelwe izolo nanamuhla, njengoba benenza nsuku zonke na?”


Kepha inkosi yaseGibhithe yathi kubo: “Mose no-Aroni, nibasuselani abantu emisebenzini yabo na? Hambani niye emisebenzini yenu.”


UFaro waqhubeka wathi: “Laba bantu sebebaningi kakhulu kunabantu bakuleli lizwe, nokho nifuna ukuba bayeke ukwenza imisebenzi yabo enzima.”


Mawenziwe nzima umsebenzi kubo yikhona bezonaka wona, bangawalaleli amazwi adukisayo.”


Ngakho-ke yisho kubantu bakwa-Israyeli, uthi: ‘NginguSimakade, ngiyakunikhulula emithwalweni yabaseGibhithe, nginikhulule ekugqilazweni yibo, nginihlenge ngengalo eyeluliweyo nangezenzo ezinkulu zokwehlulela.


Ngizonithatha nibe ngabantu bami, futhi ngibe nguNkulunkulu wenu. Niyokwazi ukuthi Mina Simakade nginguNkulunkulu wenu, onikhululile emithwalweni yabaseGibhithe.


“Ukuzila engikukhethileyo akukhona yini lokhu: ukuthukulula izibopho zenkohlakalo, ukukhumula izitilobho ejokeni, ukukhulula abacindezelweyo, nokuphula wonke amajoka na?


“Zanini kimi, nina nonke enikhatheleyo nenisindwayo, ngizakuniphumuza.


“UMoya weNkosi uphezu kwami, ngokuba ingigcobile ukuba ngishumayele ivangeli kwabampofu; ingithumele ukumemezela ukukhululwa kwabathunjiweyo, ukuvula amehlo ezimpumputhe, ukuhlenga abacindezelweyo,


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ