Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UEksodusi 19:20 - IsiZulu 2020

20 USimakade wehlela esiqongweni sentaba iSinayi, wayesebiza uMose ukuba akhuphukele kuso, uMose wakhuphuka.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

20 UJehova wehlela phezu kwentaba yaseSinayi esiqongweni sentaba; uJehova wambiza uMose ukuba eze esiqongweni sentaba; uMose wakhuphuka-ke.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

20 UJehova wehlela phezu kwentaba yaseSinayi esiqongweni sentaba, uJehova wambiza uMose ukuba eze esiqongweni sentaba; uMose wakhuphuka.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UEksodusi 19:20
12 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Wathi: “Phuma, ume entabeni phambi kukaSimakade.” USimakade wedlula, umoya omkhulu onamandla wadabula izintaba, waphahlaza amadwala phambi kukaSimakade, kodwa uSimakade wayengekho emoyeni. Emva komoya kwazamazama umhlaba, kodwa wayengekho uSimakade ekuzamazameni komhlaba.


“Wehlela entabeni iSinayi, wakhuluma nabo usezulwini. Wabanika izehlulelo ezilungileyo, imithetho eliqiniso, izimiso nemiyalelo emihle.


Wakhuleka usosizini, ngakukhulula; ngakuphendula ngisekusithekeni kokuduma, ngakuvivinya ngasemanzini eMeribha. Sela


bazilungiselele usuku lwesithathu, ngokuba ngosuku lwesithathu uSimakade uyokwehlela entabeni iSinayi phambi kwabantu bonke.


UMose wakhuphukela kuNkulunkulu; uSimakade wambiza esentabeni, wathi: “Yisho kanje kuyo indlu kaJakobe, umemezele kubantu bakwa-Israyeli, uthi:


UMose wayesekhuphukela entabeni, ifu layisibekela intaba.


UMose wangena phakathi efini, wakhuphukela entabeni, wayesentabeni izinsuku ezingama-40 nobusuku obungama-40.


Zilungiselele ukuba ekuseni kusasa ukhuphukele entabeni iSinayi, uzibonakalise khona phambi kwami esiqongweni sentaba.


UMose wabaza izibhebhe ezimbili zamatshe zafana nezokuqala, wavuka ekuseni ngovivi, wakhuphukela entabeni iSinayi njengoba uSimakade ayemyalile, ephethe izibhebhe ezimbili zamatshe.


wathi: “USimakade weza evela eSinayi, wabakhanyisela evela eSeyiri, wakhazimula entabeni iPharanu. Weza nezigidi zabangcwele; ebaphathele umthetho ovuthayo esandleni sakhe sokunene.


Ngesikhathi ngikhuphukele entabeni ukuyokwemukela izibhebhe zamatshe, izibhebhe zesivumelwano uSimakade asenza nani, ngahlala entabeni izinsuku ezingama-40 nobusuku obungama-40, ngangingadli sinkwa, ngingaphuzi manzi.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ