Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UEksodusi 19:12 - IsiZulu 2020

12 Uyakubamisela abantu umngcele nxazonke, uthi: ‘Qaphelani ningenyukeli entabeni, noma nithinte umngcele wayo. Noma ngubani othinta intaba uyakubulawa impela.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 Wena-ke wobamisela abantu umkhawulo nxazonke, uthi: ‘Xwayani ukuba ningakhuphukeli entabeni, ningathinti umkhawulo wayo. Lowo othinta intaba uyakubulawa impela;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

12 Uzabeka imingcele nxazonke zabantu uthi: Ziqapheleni ukuthi aniyikukhuphuka intaba, ningathinti umkhawulo wayo;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UEksodusi 19:12
11 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

UFaro wathi kuye: “Suka phambi kwami! Qikelela ukuba ungaphinde ubone ubuso bami, ngokuba ngosuku oyobubona ngalo ubuso bami, uyokufa.”


USimakade wathi kuye: “Yehla, uxwayise abantu bangafohli ukuba babone uSimakade, ngokuba iningi labo liyobhubha.


UMose wathi kuSimakade: “Abantu ngeke bakhuphukele entabeni iSinayi, ngokuba Wena usixwayisile, wathi: ‘Misa umngcele, uyingcwelise intaba.’ ”


NguMose kuphela oyakusondela kuSimakade, kepha abanye abayukusondela; nabantu abayukukhuphuka naye.”


Qikelela ukuba ungenzi isivumelwano nabantu bezwe oya kulo, funa babe lugibe kuwe.


Akuyukukhuphuka muntu nawe, futhi makungabonakali muntu entabeni yonke, kungaklabi ngisho izimvu, izimbuzi nezinkomo phambi kwaleyo ntaba.”


Yala abantu, uthi: “Niyodabula umngcele wabafowenu bozalo luka-Esawu abahlala eSeyiri. Bayonesaba, nokho anoqaphela,


“Kepha qikelela, uqaphele kakhulu, funa ukhohlwe yizinto ozibonile ngamehlo akho, funa zisuke enhliziyweni yakho izinsuku zonke zokuhamba kwakho. Bazise zona abantwana bakho nabantwana babantwana babo nokuthi,


Ngokuba anizanga entabeni ethintekayo nevutha umlilo, nasekufiphaleni, nasebumnyameni, nasesivunguvungwini,


ukuze niyazi indlela enimele ukuhamba ngayo, ngokuba anikaze nidlule kule ndawo ngaphambilini, nokho kufanele kube nesikhala phakathi kwenu nawo, ibanga elingaba yizi-2 000 zamakhubhithi; ningasondeli neze eduze kwawo.”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ