Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UEksodusi 18:8 - IsiZulu 2020

8 UMose wamlandisa umukhwe wakhe konke uSimakade ayekwenze kuFaro nakwabaseGibhithe ngenxa ka-Israyeli, nobunzima bonke ababehlangabezane nabo endleleni, nokuthi uSimakade wabakhulula kanjani.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 UMose wayesemlandisa umukhwe wakhe konke uJehova abekwenzile kuFaro nakubo abaseGibithe ngenxa ka-Israyeli, konke ukushikashikeka okwabehlela endleleni, nokuthi uJehova wabophula.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

8 UMose wamtshela umukhwe wakhe konke uJehova ayekwenzile kuFaro nabaseGibhithe ngenxa ka-Israyeli, nazo zonke izinhlupheko ezazibehlele endleleni, nokuthi uJehova wayebophule.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UEksodusi 18:8
23 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Ngingabuyela kanjani kubaba engekho umfana na? Funa ngibone okubi okungahle kwehlele ubaba.”


“Ngakho-ke, Nkulunkulu wethu, Nkulunkulu omkhulu, onamandla nowesabekayo, uhlale usigcina njalo isivumelwano sakho somusa. Yonke le nkathazo esehlelayo mayingabi ncane ebusweni bakho, thina namakhosi ethu, nezikhulu zakithi, nabaphristi bakithi, nabaphrofethi, nawokhokho, nabo bonke abantu bakho, kusukela ezinsukwini zamakhosi ama-Asiriya kuze kube namuhla.


Wabasindisa esandleni sababazondayo, wabakhulula esandleni sesitha.


Nokho wabasindisa ngenxa yegama lakhe, ukuze abonakalise amandla akhe.


Abahlengiweyo bakaSimakade mabasho njalo, labo abahlenge esandleni sesitha,


We nina nonke enesaba uNkulunkulu, wozani nilalele, nginilandise ngalokho angenzele khona.


Wakhuleka usosizini, ngakukhulula; ngakuphendula ngisekusithekeni kokuduma, ngakuvivinya ngasemanzini eMeribha. Sela


Behlelwe yingebhe novalo, ngobukhulu bamandla engalo yakho, bathulisa okwetshe, kwaze kwedlula abantu bakho Simakade, kwaze kwedlula abantu bakho ozithengele bona.


“Isandla sakho sokunene Simakade siyakhazimula ngamandla, isandla sakho sokunene Simakade sifihlize isitha.


Abantu bakwa-Israyeli bathi kubo: “Sengathi ngabe safa ngesandla sikaSimakade eGibhithe, lapho sasihlala ngasemabhodweni, sidle inyama nokunye ukudla sisuthe; kunokuba nisilethe lapha kuleli hlane, nizobulala lonke leli bandla ngendlala.”


UJethro, umphristi wakwaMidiyani, umukhwe kaMose, wezwa konke uNkulunkulu ayekwenzele uMose nabantu bakhe bakwa-Israyeli, ukuthi uSimakade wayemkhiphe kanjani u-Israyeli eGibhithe.


UNkulunkulu wababheka abantu bakwa-Israyeli, futhi wabanakekela.


Ingelosi yami izokwandulela, ikuyise kuma-Amori, kumaHithi, kumaPherizi, kumaKhanani, kumaHivi, nakumaJebusi, ngiyowabhubhisa.


ngathi kuwe: yivumele indodana yami ihambe ukuze ingikhonze, kepha wenqaba ukuyidedela ihambe, uyabona-ke, ngizoyibulala indodana yakho, izibulo lakho.” ’ ”


Uma uFaro engakulaleli, Mina ngizolishaya iGibhithe ngezenzo ezinkulu zokwehlulela, ngikhiphe abantu bami, u-Israyeli, ngamaviyo abo, eGibhithe.


AbaseGibhithe bayongazi ukuthi nginguSimakade, lapho sengilishaya iGibhithe, ngikhipha kulo abantu bakwa-Israyeli.”


UMose eseKadeshi wathumela izithunywa enkosini yakwa-Edomi, wathi: “Usho kanje umfowenu u-Israyeli: ‘Uyabazi bonke ubunzima esihlangabezane nabo,


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ