Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UEksodusi 17:9 - IsiZulu 2020

9 UMose wathi kuJoshuwa: “Sikhethele amadoda, uphume uyokulwa nama-Amaleki. Mina ngizobe ngimi esiqongweni sentaba, ngiphethe induku kaNkulunkulu esandleni.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 UMose wathi kuJoshuwa: “Sikhethele amadoda, uphume ulwe no-Amaleki; kusasa ngizakuma esiqongweni sentaba, induku kaNkulunkulu isesandleni sami.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

9 UMose wayesethi kuJoshuwa: “Sikhethele amadoda, uphume ulwe no-Amaleki; kusasa ngiyakuma esiqongweni sentaba, induku kaNkulunkulu isesandleni sami.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UEksodusi 17:9
18 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

UJoshuwa wanqoba u-Ameleki nabantu bakhe ngenkemba.


Zifunele phakathi kwabo amadoda ahloniphekile, amesabayo uNkulunkulu, amadoda athembekile, akuzondayo ukuthola inzuzo ngokungalungile, uwabeke abe yizinduna zezinkulungwane, zamakhulu, zama-50, nezeshumi.


UMose nenceku yakhe uJoshuwa bavuka, uMose wakhuphukela entabeni kaNkulunkulu.


USimakade wakhuluma kanjalo noMose ubuso nobuso, njengomuntu ezikhulumela nomngani wakhe. Wabuyela enkanjini, kodwa inceku yakhe, insizwa enguJoshuwa indodana kaNuni, ayiphumanga ethendeni.


Phatha le nduku ngesandla sakho, wenze ngayo izibonakaliso.”


USimakade wathi kuye: “Yini le esesandleni sakho na?” Wathi: “Yinduku.”


UMose wathatha umkakhe namadodana akhe, wabagibelisa embongolweni, wahamba wabuyela eGibhithe. UMose wayephethe induku kaNkulunkulu ngesandla.


UJoshuwa indodana kaNuni, inceku kaMose kwasebusheni bayo, waphendula wathi: “Nkosi yami, Mose, benqabele.”


Yilawo amagama amadoda athunywa nguMose ukuyohlola izwe. UMose waqamba uHosheya, indodana kaNuni, ngokuthi nguJoshuwa.


Owesizwana sakwa-Efrayimi: nguHosheya, indodana kaNuni.


USimakade wathi kuMose: “Thatha uJoshuwa, indodana kaNuni, umuntu onoMoya wami, ubeke isandla sakho phezu kwakhe,


Okhokho bethu noJoshuwa balemukela, balingenisa ezweni labezizwe azixosha phambi kobaba, kwaze kwaba semihleni kaDavide,


UMose noJoshuwa, indodana kaNuni, wafika wakhuluma wonke amazwi aleli hubo kubantu bonke belalele.


Ngokuba ukuba uJoshuwa wayebafikisile endaweni yokuphumula, wayengayukuphinda akhulume ngolunye usuku.


USimakade wathi kuJoshuwa: “Yelulela ngase-Ayi umkhonto osesandleni sakho, ngokuba ngiyakulinikela esandleni sakho.” UJoshuwa welulela ngasemzini umkhonto owawusesandleni sakhe.


UJoshuwa nawo wonke amabutho bagasela e-Ayi. UJoshuwa wakhetha amabutho ayizi-30 000 wawathumela ebusuku,


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ