Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UEksodusi 17:11 - IsiZulu 2020

11 Noma nini lapho isandla sikaMose siphakeme, u-Israyeli wayenqoba, kodwa uma esehlisa esiphumuza, kunqobe ama-Amaleki.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 Kwathi uMose esephakamisile isandla sakhe, u-Israyeli wahlula, kepha nxa esehlisa, u-Amaleki wahlula.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

11 Lapho uMose ephakamisa isandla sakhe, u-Israyeli wahlula; lapho esehlisa, u-Amaleki wahlula.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UEksodusi 17:11
8 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Ngokuba angethembele emnsalweni wami, nenkemba yami ayingisindisanga.


Izitha zami bese zibuyela emuva mhla ngikhalayo, ngiyakwazi lokhu, ukuthi uNkulunkulu unami.


UJoshuwa wenza njengalokhu uMose eshilo kuye, walwa nama-Amaleki, ngesikhathi uMose, u-Aroni, noHure bekhuphukela esiqongweni sentaba.


Kodwa izandla zikaMose zase zikhathele, ngakho-ke bathatha itshe balibeka phansi kwakhe, wahlala kulo. U-Aroni noHure baphakamisa izandla zakhe, omunye kuleli cala nomunye kwelinye icala, izandla zama kanjalo ziqinile laze lashona ilanga.


UJesu wayesebalandisa umzekeliso, ebafundisa ukuthi kufanele bakhuleke njalo, bangadangali.


Ngalokho ngithanda ukuba amadoda akhuleke ezindaweni zonke, ephakamise izandla ezingcwele, engenalulaka nakuphikisana.


Ngakho-ke vumani izono omunye komunye, nikhulekelane ukuze niphulukiswe. Umkhuleko wolungileyo unamandla kakhulu.


UJoshuwa akasifinyezanga isandla sakhe, wayelokhu eselulile siphethe inkemba, waze wazibhubhisa zonke izakhamuzi zase-Ayi.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ