Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UEksodusi 16:34 - IsiZulu 2020

34 Njengalokhu uSimakade emyalile uMose, u-Aroni walibeka i-omeri lemana phambi kobufakazi, ukuze lilondolozeke kahle.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

34 Njengalokho uJehova emyala uMose, kanjalo u-Aroni wakubeka phambi kobuFakazi, kulondolozwe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

34 Njengalokho uJehova emyalile uMose, u-Aroni wawubeka phambi kobufakazi ukuba ulondolozwe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UEksodusi 16:34
13 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Kwakungekho lutho emphongolweni, kuphela izibhebhe ezimbili zamatshe ezazibekwe khona nguMose eHorebhe, lapho uSimakade enza khona isivumelwano nabantu bakwa-Israyeli ekuphumeni kwabo eGibhithe.


Uyofaka emphongolweni izibhebhe zamatshe engizokunika zona.


Uyosibeka isihlalo somusa phezu komphongolo, ufake phakathi izibhebhe zamatshe engizokunika zona.


Ethendeni lokuhlangana, ngaphandle kwesihenqo esiphambi kwesivumelwano, u-Aroni namadodana akhe bayakuzinakekela phambi kukaSimakade, kusukela kusihlwa kuze kube sekuseni. Lokho kuyakuba yisimiso saphakade esiyakuhlonishwa ngabantu bakwa-Israyeli, izizukulwane ngezizukulwane.


Uyoqotha ingxenye yakho ibe yimpuphu, bese ubeka ingxenye yakho phambi komphongolo wesivumelwano ethendeni lokuhlangana, lapho ngiyohlangana nani khona, iyoba ngcwelengcwele kini.


Uyolibeka i-althare phambi kwesihenqo esingaphezu komphongolo wesivumelwano, phambi kwesihlalo somusa esingaphezu kwawo, lapho ngiyohlangana nani khona.


USimakade eseqedile ukukhuluma noMose entabeni iSinayi, wamnika izibhebhe ezimbili zesivumelwano, izibhebhe zamatshe, zibhalwe ngomunwe kaNkulunkulu.


Lezi kwakuyizindleko zethabanakeli; ithabanakeli lesivumelwano, ezahlanganiswa njengokuyala kukaMose, umsebenzi wabaLevi wawuphansi kuka-Ithamari, indodana ka-Aroni umphristi.


Wathatha izibhebhe ezimbili zamatshe wazifaka emphongolweni. Wafaka izingongolo emphongolweni, wabeka isihlalo somusa phezu komphongolo.


Kunalokho uyakubabeka abaLevi bengamele ithabanakeli lobufakazi nayo yonke impahla yalo, bayakulithwala ithabanakeli nempahla yalo yonke, bakhonze kulo, bakhe amathende abo, balizungeze.


AbaLevi bayomisa amathende abo azungeze ithabanakeli lobufakazi, ukuze ulaka lungehleli phezu kwenhlangano yabantu bakwa-Israyeli. AbaLevi bayakufeza yonke imisebenzi yokuqapha ithabanakeli lobufakazi.”


USimakade wathi kuMose: “Buyisela intonga ka-Aroni ngaphambi kobufakazi, igcinwe ibe wuphawu kubahlubuki ukuba uqede ukukhononda kwabo ngami, ukuze bangafi.”


Ngaphenduka ngehla entabeni, ngazifaka izibhebhe emphongolweni engiwenzile; zikhona lapho, njengalokhu uSimakade engiyalile.”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ