Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UEksodusi 16:31 - IsiZulu 2020

31 Indlu yakwa-Israyeli yakubiza lokho ngokuthi yimana, kwakufana nezinhlamvu zekhoriyenda, kumhlophe, kunambitheka njengekhekhebana elinoju.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

31 Indlu yakwa-Israyeli yaqamba igama lakho ngokuthi imana;* kwakunjengembewu yekoriyanderi,* kumhlophe; kwezwakala emlonyeni kungathi ngamaqebelengwane anezinyosi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

31 Indlu ka-Israyeli yaqamba igama lakho ngokuthi imana, futhi yayimhlophe njengembewu yekoriyanderi; ukunambitheka kwayo kwakunjengezinyosi ezenziwe ngoju.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UEksodusi 16:31
8 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Kwathi lapho amazolo esehwamukile, bheka kwakusele untwentwesana olucolisakeleyo ehlane, lwaluluncane njengeqhwa emhlabathini.


Lapho abantu bakwa-Israyeli belubona, bakhuluma omunye komunye, bathi: “Kuyini lokhu na?” Ngokuba babengazi ukuthi kwakuyini lokho. UMose wathi kubo: “Yisinkwa uNkulunkulu aninike sona ukuba nisidle.


UMose wathi: “Yileli izwi uSimakade aniyala ngalo, ethi: ‘Makugcinwe i-omeri eligcwele lalokhu ukuze izizukulwane zenu zibone ukudla enganondla ngakho ehlane, lapho nginikhipha eGibhithe.’ ”


Njengesihlahla samahhabhula phakathi kwezihlahla ehlathini, unjalo othandiweyo wami phakathi kwezinsizwa. Emthunzini wakhe, ngahlala phansi ngokwenama, isithelo sakhe sasimnandi emlonyeni wami.


Wakupha imana ehlane, okhokho bakho ababengayazi, ukuze akuthobise, akuvivinye, kuthi ekugcineni akwenzele okuhle.


Wakuthobisa, wakulambisa, wakupha ukuba udle imana obungayazi, nababengayazi ngisho okhokho bakho ukuze akwenze wazi ukuthi umuntu akaphili ngesinkwa sodwa, kodwa ngakho konke okushiwo nguSimakade; yilokho umuntu aphila ngakho.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ