Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UEksodusi 15:22 - IsiZulu 2020

22 UMose wabahola abantu bakwa-Israyeli besuka oLwandle Lomhlanga, baze bafika ehlane iShuri, bahamba izinsuku ezintathu ehlane, kodwa abatholanga manzi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

22 UMose wayesebahola abakwa-Israyeli besuka eLwandle Olubomvu, baya ehlane laseShuri; bahamba ehlane izinsuku ezintathu bengafumani manzi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

22 UMose wayesebahola abakwa-Israyeli besuka eLwandle Olubomvu, baphuma baya ehlane laseSuri; bahamba insuku ezintathu enkangala, kabatholanga manzi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UEksodusi 15:22
12 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Ingelosi kaSimakade yamthola uHagari ehlane eduze kwesiphethu esasibuqamama nomgwaqo oya eShuri.


U-Abhrahama wayesesuka lapho ayekade egobe khona amadlangala, waya esifundeni esiseningizimu, wahlala phakathi kweKadeshi neShuri. Wahlala ngasemzini waseGerari engumfokazi.


Izizukulwane zakhe zakha kusukela eHavila kuyoshaya eShuri, eduze nomngcele eGibhithe uma ulibhekise e-Ashuri. U-Ishmayeli wayengumdlwembe phakathi kwabafowabo, ehlala ebachukuluza.


owahola abantu bakhe ehlane, ngokuba umusa wakhe umi phakade;


Abantu bakho wabahola njengezimvu ngesandla sikaMose no-Aroni.


Kepha abantu bakhe wabakhipha njengezimvu, njengomhlambi wabahola ehlane.


Wabahola kahle, abaze besaba; ulwandle lwazisibekela izitha zabo.


Lonke ibandla labantu bakwa-Israyeli lasuka ehlane iSini lahamba ngezigaba, njengokuyala kukaSimakade. Lakanisa eRefidimi, kodwa kwakungekho manzi okuba abantu baphuze.


“Bayokulalela okushoyo; wena uyakuhamba namalunga akwa-Israyeli niye enkosini yaseGibhithe, nifike nithi: ‘USimakade, uNkulunkulu wamaHebheru uzibonakalisile kithi, ngakho-ke sivumele sihambe ibanga lezinsuku ezintathu, siye ehlane, ukuze sihlabele uSimakade uNkulunkulu wethu.’


Basuka eHahirothi, badabula phakathi kolwandle, baya ehlane. Bahamba ibanga lezinsuku ezintathu ehlane i-Ethamu, bakanisa eMara.


USawule wawanqoba ama-Amaleki kusukela eHavila kuya ngaseShuri elingaphambi kweGibhithe.


UDavide nabantu bakhe bakhuphuka, bayohlasela amaGeshuri, amaGirizi, nama-Amaleki, ababehlala eTheleme ngendlela eya eShuri kuya eGibhithe.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ