Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UEksodusi 15:17 - IsiZulu 2020

17 Uyakubabuyisa ubatshale entabeni eyifa lakho, indawo Wena Simakade ozenzele yona ukuba uhlale kuyo, indawo engcwele Simakade, emiswe yizandla zakho.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

17 Uzakubangenisa, ubatshale entabeni yefa lakho, indawo ozenzele yona, Jehova, ukuba uhlale kuyo, indlu engcwele, Nkosi, eziyimisile izandla zakho.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

17 Uzakubangenisa, ubatshale entabeni yelifa lakho, endaweni oyenzele ukuthi uhlale kuyo, Nkosi, endaweni engcwele, Nkosi, ezayimisayo izandla zakho.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UEksodusi 15:17
24 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Ngiyakumisela abantu bami u-Israyeli indawo, ngibatshale bahlale kuyo, bangabe besanyakaziswa, nabantu ababi abasayukubahlupha njengakuqala,


Ngikwakhele nokukwakhela indlu yokuhlala, indawo oyakuhlala kuyo kuze kube phakade.”


uJuda waba yindlu kaSimakade engcwele, u-Israyeli waba ngumbuso wakhe.


“Mina ngiyibekile inkosi yami, entabeni yami engcwele iZiyoni.”


Wena ngesandla sakho, waxosha izizwe, bona wabatshala; wazibhubhisa izizwe, bona wabakhulula.


Kungani nina zintaba ezimagqumagquma nibuka, niyibuka ngonya intaba uNkulunkulu athanda ukuhlala kuyo na? Yebo, uSimakade uzohlala kuyo kuze kube phakade.


Ithabanakeli lakhe liseSalema, nendlu yakhe iseZiyoni.


yebo, lo mvini utshalwe yisandla sakho sokunene, nendodana yakho ozikhulisele yona.


Ukhiphe umvini eGibhithe, wasusa izizwe, wawutshala.


“Ngomusa wakho omiyo njalo uhole abantu bakho obakhululileyo; wabahola ngamandla akho wabayisa endaweni okuhlala kuyo ubungcwele bakho.


“Bheka, ngizothumela ingelosi ikwandulele ukuze ikuvikele ohambeni, futhi ikufinyelelise endaweni engiyilungisileyo.


“Mabangenzele ithabanakeli elingcwele ukuze ngihlale phakathi kwabo.


Hamba manje, uhole abantu ubayise endaweni engakhuluma ngayo kuwe. Uyabona-ke, ingelosi yami izohamba phambi kwakho, kodwa lapho lufika usuku lokubajezisa, ngiyobajezisa ngenxa yesono sabo.”


Mina ngakutshala ungumvini wekhethelo, imbewu enhle kakhulu; pho uphenduke kanjani waba yigatsha elonakeleyo kimi, elomvini wabezizwe na?


Usho kanje uSimakade Wamabandla, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: “Bayakubuye basho leli lizwi ezweni lakwaJuda nasemizini yalo, ngesikhathi ngibabuyisa ekuthunjweni kwabo, bathi: ‘USimakade makakubusise wena khaya lokulunga, ntaba yobungcwele.’


Ngiyakuthokoza ngabo, ngibenzele okuhle, ngibatshale ngeqiniso kuleli lizwe, ngayo yonke inhliziyo yami, nangawo wonke umphefumulo wami.


Ngiyakukwenza isivumelwano sokuthula nabo, sibe yisivumelwano saphakade; ngiyakubahlalisa bazinze, ngibandise, ngibeke indlu yami engcwele phakathi kwabo kuze kube phakade.


Izizwe ziyakukwazi ukuthi Mina Simakade ngingcwelisa u-Israyeli, lapho indlu yami engcwele isiphakathi kwabo, kuze kube phakade.” ’ ”


Bayobizela izizwe entabeni, lapho bayonikela imihlatshelo yokulunga, ngokuba bayoncela inala yezilwandle, nengcebo yesihlabathi efihliweyo.’


Kepha uma izwe lenu lingcolile, welelani ezweni eliyifa likaSimakade, lapho kukhona ithabanakeli likaSimakade, nibe nefa phakathi kwethu; ningamhlubuki uSimakade uNkulunkulu wethu, futhi ningasihlubuki nathi ngokuzakhela i-althare, kunalelo likaSimakade uNkulunkulu wethu.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ