Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UEksodusi 15:14 - IsiZulu 2020

14 Izizwe zizwile, zathuthumela; iminjunju yehlela izakhamuzi zaseFilistiya.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 Izizwe zizwile; ziyakuthuthumela; abakhe eFilistiya behlelwe luvalo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

14 Abantu bayakuzwa, besabe; usizi luyakubamba abakhileyo ePalestine.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UEksodusi 15:14
20 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Igama likaDavide laphumela emazweni wonke; uSimakade wehlisela izizwe zonke ingebhe ngaye.


akhungathwa yingebhe lapho nemihelo, njengokowesifazane otetayo.


Ngomoya wasempumalanga, waphula imikhumbi yaseTharishishi.


Ungathokozi wena Filistiya namaphethelo, ngokuthi intonga ekushayileyo yephukile, ngokuba esiqwini senyoka kuyophuma ibululu, nenzalo yalo ibe yinkanyamba endizayo.


Lila wena sango, udazuluke wena muzi; phela amandla wena Filistiya lonke! Ngokuba kuvela intuthu enyakatho; akekho oyokwehlukana nebutho lakhe.


Lapho umbiko ufinyelela eGibhithe, liyoba sebuhlungwini ngenxa yeThire.


Ngiyakuzikhathaza izinhliziyo zezizwe eziningi, lapho sengiletha ukubhujiswa kwakho ezizweni, emazweni ongawazanga.


Uyama, azamazamise umhlaba; uyabuka, athuthumelise izizwe; izintaba zakudala ziyabhidlizwa, namagquma asemandulo ayakhothama, yizindlela zakhe zaphakade.


Ngibona amathende aseKhushani ekhungethwe wusizi, amakhethini akwaMidiyani ayathuthumela.


Bayotshela izakhamuzi zaleli lizwe. Sizwile ukuthi Wena Simakade uphakathi kwalaba bantu, ngokuba Wena Simakade bayakubona ubuso nobuso; ifu lakho lima phezu kwabo njengensika, nokuthi Wena uhamba phambi kwabo ngensika yefu emini, nangensika yomlilo ebusuku.


Wathumela izithunywa kuBhileyamu, indodana kaBheyori, owayesePhethori ngasemfuleni ezweni labantwana babantu bakhe, ukuyombiza zithi kuye: “Bheka, kunoquqaba lwabantu, abaphuma eGibhithe asebegcwele yonke indawo, futhi sebehleli eduze kwami.


Namuhla ngiyakuqala ukufaka uvalo nokukwesaba phezu kwezizwe zonke eziphansi kwezulu, lapho zizwa imibiko ngawe, ziyakuthuthumela, ziqhaqhazele ngenxa yakho.’


wesaba kakhulu, ngokuba iGibheyoni yayingumuzi omkhulu njengomunye wemizi yamakhosi nokuthi futhi inkulu kune-Ayi, namadoda wonke akhona angamaqhawe.


Sithe ukuba sizwe ngalokho izinhliziyo zangenwa yingebhe, kwangaba bikho muntu onesibindi sokuma phambi kwenu, ngokuba uSimakade uNkulunkulu wenu, unguNkulunkulu ezulwini phezulu nasemhlabeni phansi.


Bamphendula uJoshuwa, bathi: “Lokho kwenziwe ngukuthi izinceku zakho zezwa ngokweqiniso ukuthi uSimakade uNkulunkulu wenu wayiyala inceku yakhe uMose ukuba ininike izwe, nokuba ibhubhise zonke izakhamuzi zezwe eziphambi kwenu. Besinovalo olukhulu lokuthi nizosibulala, yingakho senze le nto.


Zathi kuye: “Izinceku zakho zivela ezweni elikude kakhulu ngenxa yegama likaSimakade uNkulunkulu wenu, ngokuba sizwile ngaye nangakho konke akwenza eGibhithe,


AmaFilisti esaba ngokuba, athi: “UNkulunkulu ufikile enkanjini.” Athi-ke: “Maye kithi, ngokuba akukaze kwenzeke okunjengalokhu phambilini.


Maye kithi! Ngubani oyosihlenga esandleni salaba onkulunkulu abanamandla na? Yibo labo nkulunkulu abashaya abaseGibhithe ngalo lonke ubhubhane ehlane.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ