Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UEksodusi 14:4 - IsiZulu 2020

4 “Ngiyakuyenza lukhuni inhliziyo kaFaro, uyakubalandela, ukuze ngithole udumo ngoFaro nangempi yakhe yonke; abaseGibhithe bayakukwazi ukuthi nginguSimakade.” Benza kanjalo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Ngiyakuyenza lukhuni inhliziyo kaFaro, abalandele; ngiyakudunyiswa ngoFaro nangebandla lakhe lonke; abaseGibithe bayakwazi ukuthi nginguJehova.” Benze njalo-ke.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Ngiyakuyenza lukhuni inhliziyo kaFaro ukuba abalandele; ngiyakudunyiswa phambi kukaFaro naphezu kwempi yakhe yonke; ukuze abaseGibithe bazi ukuthi nginguJehova. Benza kanjalo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UEksodusi 14:4
36 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Wenza izibonakaliso nezimangaliso ezinkulu phambi kukaFaro nezinceku zakhe, nabo bonke abantu baseGibhithe, ngoba wawazi ukuthi babaphathe ngonya olunjani abantu bakho. Wazakhela igama elisamile kuze kube namuhla.


Lokhu uyoze ukuxoxele indodana yakho nabazukulu bakho ukuthi ngaliphatha ngesihluku esinjani iGibhithe, nokuthi zibonakaliso zini engazenza kulo ukuze nazi ukuthi nginguSimakade.”


Kepha uSimakade wayenza lukhuni inhliziyo kaFaro, akavumanga ukubadedela ukuba bahambe.


Abantu bakwa-Israyeli bahamba njengoba uSimakade ebayalile oMose no-Aroni.


AbaseGibhithe ababebaxosha bangena olwandle, amahhashi wonke kaFaro, nezinqola zakhe zempi, nabagibele amahhashi.


Izinqola zabo zempi zabhajwa, amasondo ahamba kanzima, ngakho-ke abaseGibhithe bathi: “Masibalekeni phambi kwabakwa-Israyeli, ngokuba uSimakade uyabalwela, umelene nabaseGibhithe.”


UFaro uyakuthi ngabantu bakwa-Israyeli: ‘Bayazulazula bedidekile ezweni, ihlane libavalele.’


Yabikelwa inkosi yaseGibhithe ukuthi abantu babalekile. UFaro nezinceku zakhe baguqula umqondo mayelana nabantu, bathi: “Yini le esiyenzileyo ukuba sikhulule abakwa-Israyeli bangabe besasisebenzela na?”


USimakade wayenza lukhuni inhliziyo kaFaro inkosi yaseGibhithe, wabalandela abantu bakwa-Israyeli ngokuba babephume ngesandla esiphakeme.


Manje ngiyazi ukuthi uSimakade mkhulu kunabo bonke onkulunkulu, ngoba ukhulule abantu bakhe kwabaseGibhithe, lapho bebebaphethe khona ngokubaqonela.”


Ngizonithatha nibe ngabantu bami, futhi ngibe nguNkulunkulu wenu. Niyokwazi ukuthi Mina Simakade nginguNkulunkulu wenu, onikhululile emithwalweni yabaseGibhithe.


Uthi-ke uSimakade: ngalokhu uzokwazi ukuthi nginguSimakade. Uyabona-ke, ngale nduku engiyiphethe ngesandla, ngiyoshaya amanzi omfula iNayili, ayophenduka igazi.


Kepha Mina ngizokuyenza lukhuni inhliziyo kaFaro, ngiphindaphinde izibonakaliso nezimangaliso zami eGibhithe.


AbaseGibhithe bayongazi ukuthi nginguSimakade, lapho sengilishaya iGibhithe, ngikhipha kulo abantu bakwa-Israyeli.”


Kodwa ngenxa yalokhu, ngikugcinile waphila ukuze ngikukhombise amandla ami, nokwenza igama lami laziwe emhlabeni wonke.


Ngakwenza lokho ngenxa yegama lami ukuba lingangcoliswa phambi kwezizwe ababephakathi kwazo, engazazisa kuzo bebuka, ngokubakhipha eGibhithe.


uthi kulo: ‘Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: “ ‘ “Bheka, ngimelene nawe Sidoni; ngiyakudunyiswa ngawe, abantu bayakukwazi ukuthi nginguSimakade, lapho sengilehlulela, ngizibonakalise ngingcwele kulo.


“ ‘ “Kuyakuthi lapho iGibhithe sengilenze laba yincithakalo nehlane, izwe eseliphundlwe konke obekugcwele kulo, lapho sengibulala zonke izakhamuzi zalo, kulapho-ke beyakukwazi khona ukuthi nginguSimakade.


Uyakukhuphukela khona ukuba uthelekele abantu bami u-Israyeli, njengefu lisibekela izwe. Kuyakuthi ngezinsuku ezizayo ngikuyise kubantu bami, ukuze izizwe zazi lapho ngizibonakalisa ngawe, Gogi, ukuthi ngingcwele, ziyakuzibonela ngawazo amehlo.”


Ngiyakububonakalisa kanjalo-ke ubukhulu bami nobungcwele bami, futhi ngizazise phambi kwezizwe eziningi, ziyakukwazi ukuthi nginguSimakade.” ’ ”


Bonke abantu bezwe bayakubangcwaba, lokho kuyakuba ludumo lwabo ngosuku engiyakukhazimuliswa ngalo,” ’ ” kusho iNkosi uSimakade.


UMose wayesethi ku-Aroni: “Yikho lokhu uSimakade akukhuluma, wathi: “ ‘Ngalabo abaseduze nami ngiyakuzibonakalisa ngingcwele, phambi kwabantu bonke ngiyakukhazimuliswa.’ ” U-Aroni wathula.


njengalokhu kulotshiwe ukuthi: “UNkulunkulu wabanika umoya wobuthongo obunzulu, namehlo okungaboni, nezindlebe ezingezwa, kuze kube lusuku lwanamuhla.”


Ngokuba umbhalo uthi kuFaro: “Ngakuphakamisela khona lokhu, ukuba ngibonakalise amandla ami kuwe nokuba igama lami lishunyayelwe emhlabeni wonke.”


Ngakho-ke unesihawu kulowo athanda ukumhawukela, umenza lukhuni lowo athanda ukumenza lukhuni.


Ngokuba kwakungukwenza kukaSimakade ukuba izinhliziyo zabo zibe lukhuluni, ukuze bazokulwa no-Israyeli abehlule abaqothule, angabi namusa kubo, kodwa ashaye icole, njengalokhu uSimakade ayemyalile uMose.


Ngizokumyenga uSisera, umkhuzi wempi kaJabhini nezinqola zakhe zempi namabutho akhe, ukuba babhekane nawe ngasemfuleni iKhishoni, ngizakumnikela esandleni sakho.’ ”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ