Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UEksodusi 14:29 - IsiZulu 2020

29 Kepha abakwa-Israyeli bahamba emhlabathini owomileyo bedabula ulwandle, amanzi aba wudonga kwesokunene nakwesokhohlo sabo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

29 Kepha abantwana bakwa-Israyeli bahamba emhlabathini owomileyo phakathi kolwandle; amanzi aba lugange kubo ngakwesokunene nangakwesokhohlo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

29 Kepha abantwana bakwa-Israyeli bahamba emhlabathini owomileyo phakathi kolwandle; amanzi aba lugange kubo ngakwesokunene sabo nangakwesokhohlo sabo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UEksodusi 14:29
19 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

U-Eliya wathatha isembatho sakhe, wasisonga, washaya amanzi, ehlukana ngapha nangapha, bawela iJordani bobabili, behamba emhlabathini owomileyo.


Ulwandle waludabula kabili ukuze bawele behamba emhlabathini owomileyo, kodwa ababehubha u-Israyeli wabaphonsa ekujuleni, bazika njengetshe emanzini anamandla.


Wakhuza uLwandle Lomhlanga, lwasha, wabaholela ekujuleni njengasehlane.


owehlukanisa kabili uLwandle Lomhlanga, ngokuba umusa wakhe umi phakade;


Wehlukanisa ulwandle, wabadabulisa kulo, amanzi wawamisa anjengodonga.


Abantu bakwa-Israyeli badabula olwandle behamba emhlabathini owomileyo, amanzi enza udonga kwesokunene nakwesokhohlo sabo.


Kwathi ukuba amahhashi kaFaro, nezinqola zempi yakhe, nabagibele amahhashi bangene olwandle, uSimakade wawabuyisela phezu kwabo amanzi olwandle, kodwa abantu bakwa-Israyeli badabula behamba emhlabathini owomileyo.


Ngokufutha kwamakhala akho amanzi ema aba yinqwaba, izikhukhula zaphakama njengendunduma, utwa lwashuba enhliziyweni yolwandle.


USimakade uyoqalekisa itheku lolwandle leGibhithe, anyakazise isandla sakhe phezu komfula awuhwamukise ngekhoza lomoya wakhe, awushaye ube yimifudlana eyisikhombisa, ongayiwela uhamba ngezinyawo.


Uma udabula emanzini, Mina ngiyokuba nawe, nemifula ayiyukukukhukhula; nalapho udabula emlilweni, awuyukusha; ilangabi aliyukukushisa.


Akuwena yini owomisa ulwandle, amanzi asotweni, owenza izinzulu zolwandle zaba yindlela okwawela ngayo abahlengiweyo na?


Usumkhohliwe uSimakade uMenzi wakho, owaleneka izulu, wabeka nesisekelo somhlaba. Uthuthumele usuku lonke ngenxa yolaka lomcindezeli, ozilungiselela ukubhubhisa. Kepha luphi ulaka lomcindezeli na?


Angithandi bazalwane, ukuba ningazi ukuthi okhokho bethu bonke babephansi kwefu, bonke badabula olwandle,


amanzi anqamuka ukugeleza, aba yintaba aze ayofinyelela ngase-Adamu, eliseduze neZarethani. Kwathi amanzi agelezela olwandle i-Araba, uLwandle Lukasawoti nawo anqamuka, abantu bawela umfula maqondana neJerikho.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ