Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UEksodusi 14:27 - IsiZulu 2020

27 UMose welulela isandla sakhe phezu kolwandle, ulwandle lwabuyela esimweni salo entathakusa. AbaseGibhithe babaleka, kodwa uSimakade wabaphonsa phakathi kolwandle abaseGibhithe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

27 UMose wayeselula isandla sakhe phezu kolwandle, ulwandle lwabuyela endaweni yalo ngokufika kokusa; abaseGibithe balubalekela; uJehova wabathuntuthela abaseGibithe phakathi kolwandle.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

27 UMose wayeselula isandla sakhe phezu kolwandle, ulwandle lwabuyela ngamandla alo ekuzeni kokusa; abaseGibithe bawubalekela; uJehova wagumbuqela abaseGibithe phakathi kolwandle.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UEksodusi 14:27
12 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Ulwandle waludabula kabili ukuze bawele behamba emhlabathini owomileyo, kodwa ababehubha u-Israyeli wabaphonsa ekujuleni, bazika njengetshe emanzini anamandla.


Amanzi azisibekela izitha zabo, akwaze kwasala nesisodwa kuzo.


owachitha uFaro nempi yakhe oLwandle Lomhlanga, ngokuba umusa wakhe umi phakade;


Wabahola kahle, abaze besaba; ulwandle lwazisibekela izitha zabo.


USimakade Wamabandla uzobaxebula ngenkalivasi njengoba enza mhla eshaya abakwaMidiyani ngasedwaleni i-Orebhi, nentonga yakhe iyakuba phezu kolwandle; uyakuyiphakamisa njengoba enza eGibhithe.


nalokho akwenza empini yaseGibhithe, emahhashini abo, nasezinqoleni zabo zempi, lapho enza amanzi oLwandle Lomhlanga ukuba abaminzise ngesikhathi benixosha. USimakade wababhubhisa kuze kube namuhla.


Ngokukholwa, badabula uLwandle Olubomvu kungathi bahamba emhlabathini owomileyo, okwathi lapho abaseGibhithe bezama ukuwela, baminza.


Lapho bekhala kuSimakade, waletha ubumnyama phakathi kwenu nabaseGibhithe. Wenza ulwandle ukuba lubuyele phezu kwabo lubagubuzele; nakubona engakwenza kwabaseGibhithe; emveni kwalokho nahlala ehlane izinsuku eziningi.


Lapho abaphristi ababethwele umphongolo wesivumelwano sikaSimakade bephuma phakathi nomfula iJordani, amathe ezinyawo zabo esethinte emhlabathini owomileyo, amanzi eJordani abuyela endaweni yawo, umfula wagola izintethe njengakuqala.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ