Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UEksodusi 14:22 - IsiZulu 2020

22 Abantu bakwa-Israyeli badabula olwandle behamba emhlabathini owomileyo, amanzi enza udonga kwesokunene nakwesokhohlo sabo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

22 Abantwana bakwa-Israyeli bangena phakathi kolwandle emhlabathini owomileyo; amanzi aba lugange kubo ngakwesokunene nangakwesokhohlo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

22 Abantwana bakwa-Israyeli bahamba emhlabathini owomileyo phakathi kolwandle, amanzi aba lugange kubo ngakwesokunene sabo nangakwesokhohlo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UEksodusi 14:22
27 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Wasithatha isembatho sika-Eliya, esasiwe kuye, washaya ngaso amanzi, wathi: “Uphi uSimakade, uNkulunkulu ka-Eliya na?” Esewashayile amanzi, ahlukana ngapha nangapha, u-Elisha wawela.


U-Eliya wathatha isembatho sakhe, wasisonga, washaya amanzi, ehlukana ngapha nangapha, bawela iJordani bobabili, behamba emhlabathini owomileyo.


Ulwandle waludabula kabili ukuze bawele behamba emhlabathini owomileyo, kodwa ababehubha u-Israyeli wabaphonsa ekujuleni, bazika njengetshe emanzini anamandla.


Wakhuza uLwandle Lomhlanga, lwasha, wabaholela ekujuleni njengasehlane.


owehlukanisa kabili uLwandle Lomhlanga, ngokuba umusa wakhe umi phakade;


owawelisa u-Israyeli phakathi kwalo, ngokuba umusa wakhe umi phakade;


Ulwandle uluphendule umhlaba owomileyo; bawela umfula behamba ngezinyawo; sathokoza kuye lapho.


NguWena owaveza isiphethu nomfudlana; nguWena owomisa imifula egobhoza ingashi.


Wehlukanisa ulwandle, wabadabulisa kulo, amanzi wawamisa anjengodonga.


Kepha abakwa-Israyeli bahamba emhlabathini owomileyo bedabula ulwandle, amanzi aba wudonga kwesokunene nakwesokhohlo sabo.


Kwathi ukuba amahhashi kaFaro, nezinqola zempi yakhe, nabagibele amahhashi bangene olwandle, uSimakade wawabuyisela phezu kwabo amanzi olwandle, kodwa abantu bakwa-Israyeli badabula behamba emhlabathini owomileyo.


Ngokufutha kwamakhala akho amanzi ema aba yinqwaba, izikhukhula zaphakama njengendunduma, utwa lwashuba enhliziyweni yolwandle.


USimakade uyoqalekisa itheku lolwandle leGibhithe, anyakazise isandla sakhe phezu komfula awuhwamukise ngekhoza lomoya wakhe, awushaye ube yimifudlana eyisikhombisa, ongayiwela uhamba ngezinyawo.


Kuyoba khona umgwaqo wensali yabantu bakhe eyosala e-Asiriya, njengalokhu kwakunjalo ku-Israyeli ngosuku akhuphuka ngalo eGibhithe.


Usho kanje uSimakade odala indlela olwandle, nomkhondo emanzini anamandla,


Akuwena yini owomisa ulwandle, amanzi asotweni, owenza izinzulu zolwandle zaba yindlela okwawela ngayo abahlengiweyo na?


owenza ukuba ingalo yakhe emangalisayo ihambe ngakwesokunene sikaMose, owehlukanisa amanzi phambi kwabo, ukuba azenzele igama eliphakade;


owabadabulisa olwandle njengehhashi ehlane, ukuze bangakhubeki na?


‘Kepha Mina, ngiyakuba lugange lomlilo kulo oluluzungeze ngimbi ci, futhi ngibe yinkazimulo kulo,’ kusho uSimakade.


Basuka eHahirothi, badabula phakathi kolwandle, baya ehlane. Bahamba ibanga lezinsuku ezintathu ehlane i-Ethamu, bakanisa eMara.


Angithandi bazalwane, ukuba ningazi ukuthi okhokho bethu bonke babephansi kwefu, bonke badabula olwandle,


Ngokukholwa, badabula uLwandle Olubomvu kungathi bahamba emhlabathini owomileyo, okwathi lapho abaseGibhithe bezama ukuwela, baminza.


amanzi anqamuka ukugeleza, aba yintaba aze ayofinyelela ngase-Adamu, eliseduze neZarethani. Kwathi amanzi agelezela olwandle i-Araba, uLwandle Lukasawoti nawo anqamuka, abantu bawela umfula maqondana neJerikho.


Abaphristi ababethwele umphongolo wesivumelwano sikaSimakade bama bangathi nyaka emhlabathini owomile phakathi kweJordani, saze sawela sonke isizwe sakwa-Israyeli, sihamba emhlabathini owomileyo.


anobaphendula nibatshele ukuthi: ‘U-Israyeli wawela iJordani ehamba emhlabathini owomileyo,


babe lugange kithi ubusuku nemini, sonke isikhathi sinabo salusa izimvu.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ