Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UEksodusi 14:17 - IsiZulu 2020

17 Mina ngiyakuyenza lukhuni inhliziyo yabaseGibhithe ukuze banilandele, ngiyofumana udumo ngoFaro nangayo yonke impi yakhe, izinqola zakhe zempi, nabagibele amahhashi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

17 Bheka, mina ngiyakuzenza lukhuni izinhliziyo zabaseGibithe, babalandele; ngizakudunyiswa ngoFaro nangempi yakhe yonke, ngezinqola zakhe nangabamahhashi bakhe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

17 Mina, bheka, ngiyakuzenza lukhuni izinhliziyo zabaseGibithe, bawalandele; ngizakhazimulisa uFaro lakulo lonke ibutho lakhe, lezinqola zakhe, labagadi bamabhiza bakhe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UEksodusi 14:17
26 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Kwakhuphuka ngisho namabutho agibele izinqola zempi, nagibele amahhashi, kwaba yisixuku esikhulu kakhulu.


Bheka, Mina ngizokwehlisa uzamcolo emhlabeni, ubhubhise konke okuphilayo phansi komthunzi welanga, kufe konke okuphefumulayo emhlabeni.


“Bhekani, ngenza isivumelwano phakathi kwami nani, nezizukulwane zenu,


AbaseGibhithe ababebaxosha bangena olwandle, amahhashi wonke kaFaro, nezinqola zakhe zempi, nabagibele amahhashi.


“Ngiyakuyenza lukhuni inhliziyo kaFaro, uyakubalandela, ukuze ngithole udumo ngoFaro nangempi yakhe yonke; abaseGibhithe bayakukwazi ukuthi nginguSimakade.” Benza kanjalo.


USimakade wayenza lukhuni inhliziyo kaFaro inkosi yaseGibhithe, wabalandela abantu bakwa-Israyeli ngokuba babephume ngesandla esiphakeme.


USimakade wathi kuMose: “Lapho usubuyele eGibhithe, qikelela ukuthi uzenze zonke izimangaliso phambi kukaFaro engakunika amandla okuba uzenze, kodwa ngiyoyenza lukhuni inhliziyo yakhe, ukuze angabavumeli abantu ukuba bahambe.


ngathi kuwe: yivumele indodana yami ihambe ukuze ingikhonze, kepha wenqaba ukuyidedela ihambe, uyabona-ke, ngizoyibulala indodana yakho, izibulo lakho.” ’ ”


Kepha Mina ngizokuyenza lukhuni inhliziyo kaFaro, ngiphindaphinde izibonakaliso nezimangaliso zami eGibhithe.


Mina, Mina ngikhulumile, futhi ngimbizile, ngimlethile, uyoyenza iphumelele indlela yakhe.


“Mina, Mina nginguye oniduduzayo; ungubani wena ukuba wesabe umuntu ofayo, nendodana yomuntu eyenziwe yanjengotshani na?


ngakho-ke ngiyakuniphakamisa nokuniphakamisa, nginilahle kude nobukhona bami, nina nomuzi enganinika wona, nina nokhokho benu,


uthi kulo: ‘Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: “ ‘ “Bheka, ngimelene nawe Sidoni; ngiyakudunyiswa ngawe, abantu bayakukwazi ukuthi nginguSimakade, lapho sengilehlulela, ngizibonakalise ngingcwele kulo.


“ ‘Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: “Mina ngizozicinga izimvu zami, ngizifune.


“ ‘ “Ngakho-ke isho kanje iNkosi uSimakade kuzo, ithi: Mina ngiyakwehlulela phakathi kwezimvu ezikhulupheleyo nalezo ezondileyo.


ngalokho-ke isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: bheka Mina, yebo, Mina ngimelene nawe, ngizokwehlulela wena, izizwe zizibonela ngamehlo azo.


‘Nina zintaba zakwa-Israyeli, yizwani izwi leNkosi uSimakade. Isho kanje iNkosi uSimakade ezintabeni nasemagqumeni, emfudlaneni nasezigodini, ithi: bhekani, ngiyakwehlisela phezu kwenu inkemba, ngibhubhise izindawo zenu eziphakemeyo.


Ngokuba Mina ngiyakuba njengebhubesi ku-Efrayimi, nanjengebhongo lebhubesi kuyo indlu kaJuda. Mina luqobo, ngiyakubadwengula, bese ngihamba; ngiyakubathatha kungabi bikho obahlengayo.


UMose wayesethi ku-Aroni: “Yikho lokhu uSimakade akukhuluma, wathi: “ ‘Ngalabo abaseduze nami ngiyakuzibonakalisa ngingcwele, phambi kwabantu bonke ngiyakukhazimuliswa.’ ” U-Aroni wathula.


nami ngizomelana nani ngolaka, yebo, ngizonishaya kuze kube kasikhombisa, ngenxa yezono zenu.


Ngakho-ke unesihawu kulowo athanda ukumhawukela, umenza lukhuni lowo athanda ukumenza lukhuni.


“ ‘Bonani manje ukuthi Mina, yebo, Mina Nginguye, akekho unkulunkulu ngaphandle kwami; Mina ngiyabulala, ngibuye ngiphilise, ngilimaze, futhi ngipholise; akekho ongabahlenga esandleni sami.


Ngokuba kwakungukwenza kukaSimakade ukuba izinhliziyo zabo zibe lukhuluni, ukuze bazokulwa no-Israyeli abehlule abaqothule, angabi namusa kubo, kodwa ashaye icole, njengalokhu uSimakade ayemyalile uMose.


Ngizokumyenga uSisera, umkhuzi wempi kaJabhini nezinqola zakhe zempi namabutho akhe, ukuba babhekane nawe ngasemfuleni iKhishoni, ngizakumnikela esandleni sakho.’ ”


Nizenzeleni lukhuni izinhliziyo zenu, njengoba kwenza abaseGibhithe noFaro, abazenza lukhuni izinhliziyo zabo na? Lapho esebashaye kanzima, ababavumelanga yini ukuba bahambe na?


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ