Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UEksodusi 14:14 - IsiZulu 2020

14 USimakade uzonilwela, nina thulani du.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 UJehova uzakunilwela, nothula nina.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

14 UJehova uyakunilwela, nina nithule;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UEksodusi 14:14
25 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

wathi: “Yizwani nina nonke bakwaJuda, zakhamuzi zaseJerusalema, nawe nkosi Jehoshafathi: usho kanje kini uSimakade, uthi: ‘Ningesabi, ningapheli amandla ngenxa yalesi sixuku esikhulu, ngokuba impi ayisiyo eyenu, ingekaNkulunkulu.


Akusikho okwenu ukulwa kule mpi; zihleleni, nime, nibone ukunqoba kukaSimakade, nina Juda neJerusalema; ningesabi, ningapheli amandla; phumelani kubo kusasa, ngokuba uSimakade uzakuba nani.’ ”


Uvalo ngoNkulunkulu lwehlela yonke imibuso yamazwe lapho bezwa ukuthi uSimakade wayelwe nezitha zika-Israyeli.


Ngakubona lokho, ngaphakama, ngathi kubaholi nezikhulu nakubantu bonke: “Ningazesabi. Khumbulani iNkosi enamandla neyesabekayo, nilwele abafowenu, abantwana benu, omkenu nemizi yenu.”


Uma nizwa kuhlatshwa umkhosi ngecilongo, anobuthana ngakimi. UNkulunkulu wethu uzosilwela.”


Ulwandle waludabula kabili ukuze bawele behamba emhlabathini owomileyo, kodwa ababehubha u-Israyeli wabaphonsa ekujuleni, bazika njengetshe emanzini anamandla.


Phikisana, Simakade, nabangiphikisayo, yilwa nabalwa nami.


UNkulunkulu wethu uyeza, akayukuthula, phambi kwakhe kunomlilo oqothulayo, uphahlwe yisivunguvungu esinamandla.


Nkulunkulu, ungathuli, ungabi yisithulu, ungali ukukhuluma, Nkulunkulu.


USimakade wathi kuMose: “Ukhalelani kimi na? Khuluma kubantu bakwa-Israyeli ukuba bahambe.


Izinqola zabo zempi zabhajwa, amasondo ahamba kanzima, ngakho-ke abaseGibhithe bathi: “Masibalekeni phambi kwabakwa-Israyeli, ngokuba uSimakade uyabalwela, umelene nabaseGibhithe.”


USimakade uyindoda yempi, nguSimakade igama lakhe.


Ngokuba yasho njalo iNkosi uSimakade oNgcwele ka-Israyeli, yathi: “Lapho niphenduka niphumula, niyakusindiswa, amandla enu abe sekuthuleni nasekwethembeni, kepha anithandanga.


Kuhle ukulindela ngokuthula ukusindisa kukaSimakade.


USimakade uNkulunkulu wenu ohamba phambi kwenu uyonilwela, njengoba enza kini eGibhithe nibuka.


USimakade uNkulunkulu wakho nguye ohamba nani, anilwele nezitha zenu ukuze aniphe ukunqoba.’


Ningabesabi, ngokuba uSimakade uNkulunkulu wenu nguye ozakunilwela.’


USimakade wabathela ngokudideka phambi kuka-Israyeli, owacekela phansi abaningi eGibheyoni, wabaxosha ngendlela ekhuphukela eBhethi Horoni, wabacekela phansi ngenkemba kwaze kwaba se-Azeka naseMakheda.


Aluzange lube khona usuku olunjengalolo ngaphambi kwalo noma ngasemuva kwalo, lapho uSimakade alalela khona izwi lomuntu; wamlwela u-Israyeli.


UJoshuwa wawanqoba wonke lawo makhosi namazwe awo ngasikhathi sinye, ngokuba uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli wamlwela u-Israyeli.


Oyedwa kini uxoshe inkulungwane, ngokuba nguSimakade uNkulunkulu wenu onilwelayo njengalokhu ayekhulume kini.


futhi nikubonile konke uSimakade uNkulunkulu wenu akwenza kuzo zonke lezi zizwe ngenxa yenu, ngokuba nguSimakade uNkulunkulu wenu owanilwela.


Izinkanyezi zalwa ezulwini, emizileni yazo zalwa noSisera.


AmaFilisti esaba ngokuba, athi: “UNkulunkulu ufikile enkanjini.” Athi-ke: “Maye kithi, ngokuba akukaze kwenzeke okunjengalokhu phambilini.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ