Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UEksodusi 13:5 - IsiZulu 2020

5 Lapho uSimakade eseningenisa ezweni lamaKhanani, lamaHithi, lama-Amori, lamaHivi, nelamaJebusi, afunga ngalo koyihlomkhulu ukulinika nina, izwe elichichima ubisi noju, niyokuyigcina le nkonzo ngale nyanga.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Kuyakuthi nxa uJehova ekungenisile ezweni lamaKhanani, nelamaHeti, nelama-Amori, nelamaHivi, nelamaJebusi alifungela koyihlo ukukunika lona, izwe elivama ubisi nezinyosi, uyakugcina le nkonzo kule nyanga.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Kuyakuthi lapho uJehova eseningenise ezweni lamaKhanani, namaHeti, nama-Amori, namaHivi, namaJebusi, eyathembisa oyihlo ngesifungo ukuninika lona, izwe elichichima ubisi nezinyosi, nigcine leli zwe. Isevisi kule nyanga.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UEksodusi 13:5
31 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Hlala kuleli lizwe njengomfokazi, Mina ngizoba nawe ngikubusise. Wonke lawa mazwe ngizokunika wona, wena nezizukulwane zakho, futhi ngisifeze isifungo engasenza ku-Abhrahama uyihlo.


UJosefa wathi kubafowabo: “Sengizokufa mina, kodwa uNkulunkulu akasoze anilibala nakanye, uyonikhuphula kuleli lizwe, aniphindisele ezweni alethembisa ngesifungo ko-Abhrahama, no-Isaka, noJakobe.”


Lesi simiso niyakusigcina sibe yisiko lenu nezizukulwane zenu nanini nanini.


Lo mthetho uyakuwugcina ngesikhathi esifaneleyo minyaka yonke.”


“Lapho uSimakade esekungenisile ezweni lamaKhanani, wakunika lona, njengoba ayefungile kuwe nakoyihlomkhulu,


ngathi ngizonikhuphula ekuhlushweni ngabaseGibhithe, nginiyise ezweni lamaKhanani, lamaHithi, lama-Amori, lamaPherizi, lamaHivi, nelamaJebusi, izwe elichichima ubisi noju.” ’


Ngehlile ukuzobakhulula esandleni sabaseGibhithe, nokubakhuphula kuleli lizwe, ngibayise ezweni elihle nelibanzi, izwe elichichima ubisi noju, izwe lamaKhanani, amaHithi, ama-Amori, amaPherizi, amaHivi, namaJebusi.


Khumbula u-Abhrahama, u-Isaka, noJakobe, izinceku zakho owazifunga Wena kuzo, wathi: ‘Ngiyokwandisa izizukulwane zenu zibe ngangezinkanyezi zezulu, ngizinike lonke leli lizwe enganethembisa lona, libe yifa lazo kuze kube phakade.’ ”


USimakade wathi kuMose: “Hamba, suka kule ndawo, wena nabantu owabakhipha eGibhithe, niye ezweni engafunga ngalo ku-Abhrahama, no-Isaka, noJakobe, ngathi: ‘Ngiyolinika izizukulwane zakho.’


Qaphela lokhu engikuyala ngakho namuhla. Uyabona-ke, ngizowaxosha phambi kwakho ama-Amori, amaKhanani, amaHithi, amaPherizi, amaHivi namaJebusi.


Ngenza isivumelwano nabo sokubanika iKhanani, izwe ababehlala kulo njengabafokazi.


Ngiyakuniyisa ezweni engafunga ukulinika u-Abhrahama, u-Isaka, noJakobe; ngiyakuninika lona libe yifa lenu. NginguSimakade.’ ”


ukuba ngifeze isifungo engasifunga kokhokho benu, sokubanika izwe elichichima ubisi noju,” njengoba kwenzeka namuhla.’ ” Ngase ngiphendula ngithi: “Amen, Simakade.”


Wabanika leli lizwe, owawufunge kokhokho babo ukuthi uyakubanika lona, izwe elichichima ubisi noju.


“ ‘ “Ngalolo lusuku ngafunga kubo ukuba ngibakhiphe eGibhithe, ngibayise ezweni engangibakhethele lona, izwe elichichima ubisi noju, futhi elihle kunawo wonke amazwe.


Nokho, nganitshela ngathi: “Niyolidla izwe lazo, ngininike lona libe yifa lenu, izwe elichichima ubisi noju;” nginguSimakade uNkulunkulu wenu onehlukanisile kwezinye izizwe.


Ngabe bonke laba bantu bakhulelwa yimi, futhi bazalwa yimi yini na? Kodwa uthi kimi: ‘Bagone wena esifubeni sakho njengomzanyana egone umntwana oncelayo, ubayise ezweni owalifungela oyise na?’


Bambikela bathi: “Siyile ezweni obusithume kulo salihlola; ngempela lichichima ubisi noju; nazi izithelo zalo.


“Ngenxa yokuba uSimakade ubengenamandla okungenisa laba bantu ezweni afunga ngalo kubo, ngalokho-ke ubabhubhisile ehlane.”


abayukungena ezweni engafunga ngalo ukuthi ngiyakunakhisa kulo, ngaphandle kukaKhalebhu, indodana kaJefune noJoshuwa, indodana kaNuni.


‘Impela kulaba bantu abaphuma eGibhithe, akukho namunye kubo oyolibona izwe engafunga ngalo ku-Abhrahama, no-Isaka noJakobe, kusukela kwaba neminyaka engama-20 kuya phezulu, ngokuba abangilandelanga ngokupheleleyo.


“Lapho uSimakade uNkulunkulu wakho esezibhubhisile izizwe eziphambi kwakho, sewuzongena ukuba uzephuce izwe, nalapho sewuzephucile izwe, wahlala kulo,


“Kuyothi lapho uSimakade uNkulunkulu wakho esezishabalalisile izizwe ezizwe lazo uSimakade uNkulunkulu wakho akunika lona, wena uzixoshe, bese uhlala emizini yazo nasezindlini zazo.


“Kuyokuthi lapho usufikile ezweni uSimakade uNkulunkulu wakho akunika lona ukuba, ulidle, wakhe kulo, libe yifa lakho.


“Kuyothi lapho uSimakade uNkulunkulu wakho ekungenisa ezweni oya kulo ukuba ulidle, axoshe izizwe eziningi phambi kwakho, amaHithi, amaGirigashi, ama-Amori, amaKhanani, amaPherizi, amaHivi, namaJebusi; izizwe eziyisikhombisa ezinkulu nezinamandla kunawe,


“ ‘Lapho niwela iJordani, nafika eJerikho; izakhamuzi zalo zalwa nani, kanjalo nama-Amori, amaPherizi, amaKhanani, amaHithi, amaGirigashi, amaHivi, namaJebusi, ngabanikela esandleni senu.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ