Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UEksodusi 13:17 - IsiZulu 2020

17 Ngesikhathi uFaro ebakhulula abantu ukuba bahambe, uNkulunkulu akabavumelanga ukuba bahambe ngendlela yasezweni lamaFilisti, nakuba yayinqamulela, ngokuba uNkulunkulu wathi: “Funa abantu, uma benqwamana nempi, baguqule umqondo bese bebuyela eGibhithe.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

17 Kwathi uFaro esebavumele abantu ukuba bahambe, uNkulunkulu akabaholanga ngendlela yasezweni lamaFilisti, noma kwakuyiyona eseduze; ngokuba uNkulunkulu wathi: “Funa mhlawumbe abantu bazisole, nxa bebona impi, babuyele eGibithe.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

17 Kwathi uFaro esebayekele abantu bahambe, uNkulunkulu kabaholanga ngendlela yelizwe lamaFilisti, lanxa yayiseduze; ngoba uNkulunkulu wathi: Ukuze abantu bangaphenduki nxa bebona impi babuyele eGibhithe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UEksodusi 13:17
14 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

kepha bese ubuya umqondo wabo besezweni abathunjelwe kulo, baphenduke, bakunxuse besezweni lababathumbileyo bathi: ‘Sonile, senze okungalungile, senze okubi;’


Benqaba ukukulalela, abaze bazikhumbula izimangaliso owazenza phakathi kwabo, kepha baqinisa amakhanda, bazimisela ukubuyela ebugqileni. Kodwa Wena unguNkulunkulu othethelelayo; onomusa nesihe, uyephuza ukuthukuthela, ugcwele isihawu, ngakho-ke awuzange ubalahle,


Kwathi lapho uFaro esesondela, abantu bakwa-Israyeli baphakamisa amehlo abo bababona abaseGibhithe bebalandela, besaba kakhulu abantu bakwa-Israyeli, base bekhala kuSimakade.


Kepha uPawula waqinisa ukuthi akufanele bahambe nalowo owabashiya ePhamfiliya, akaze ahamba nabo ukuyosebenza.


“Kepha okhokho abavumanga ukumlalela, kodwa bamsunduzela eceleni, babuyela emuva eGibhithe ngezinhliziyo zabo,


Kodwa akumele abe namahhashi amaningi, futhi angababuyiseli abantu eGibhithe, ukuze athole amahhashi amaningi. Ngokuba uSimakade ushilo kini, wathi: ‘Anisayukubuyela ngaleyo ndlela.’


Izikhulu ziyokhuluma futhi kubantu, zithi: ‘Ngumuphi umuntu owesabayo, ozizwa entekenteke enhliziyweni, na? Makahambe, abuyele endlini yakhe, funa izinhliziyo zabafowabo zibe ntekenteke njengenhliziyo yakhe.’


USimakade uyakukubuyisela eGibhithe ngemikhumbi ngendlela engasho ngayo kuwe, ngathi: ‘Awusayukuphinda uyibone futhi.’ Lapho niyakuzithengisa ezitheni zenu nibe yizigqila nezigqilakazi; ningathengwa muntu.”


Ngokukholwa, washiya iGibhithe akaze alushaya nto yalutho ulaka lwenkosi, ngokuba wakhuthazela sengathi uyambona ongabonwayo.


Manje memezela lokhu emabuthweni, uthi: ‘Owesabayo, ethuthumela, makabuyele emuva, makasuke entabeni kwaGileyadi.’ ” Kwabuyela emuva abayizi-20 000, kwasala abayizi-10 000.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ