Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UEksodusi 12:31 - IsiZulu 2020

31 Wabiza uMose no-Aroni khona ebusuku, wathi kubo: “Vukani, niphume niphele kubantu bami, nina nabantu bakwa-Israyeli! Hambani niyokhonza uSimakade, njengalokho nishilo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

31 Wababiza oMose no-Aroni ebusuku, wathi: “Vukani niphume kubantu bami, nina nabantwana bakwa-Israyeli, nihambe niyokhonza uJehova, njengalokho nishilo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

31 Wababiza oMose no-Aroni ebusuku, wathi: “Sukani niphume phakathi kwabantu bami, nina nabantwana bakwa-Israyeli; nihambe niyokhonza uJehova njengokusho kwenu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UEksodusi 12:31
12 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

IGibhithe lajabula ekuphumeni kwabo, ngokuba ukwesaba kwabehlela.


UMose wathi: “Njengalokhu ushilo, angiyukuphinde ngibubone ubuso bakho.”


UMose wathi: “Sizohamba nezinsizwa, abadala, amadodana, amadodakazi ethu, izimvu, izimbuzi, izinkomo, nemihlambi yethu, ngokuba sizogubha umkhosi kaSimakade ngakho konke esinakho.”


USimakade wathi kuMose: “Ngizoletha enye futhi inhlupheko phezu kukaFaro naphezu kweGibhithe; emveni kwalokho uzonivumela ukuba nihambe lapha. Lapho enivumela uzakunixosha nokunixosha.


Ngakho-ke zonke lezi zikhulu zizokuza kimi, zingikhothamele, zithi: ‘Hamba wena nabantu bonke abakulandelayo.’ Emveni kwalokho ngizohamba.” Waphuma wamshiya uFaro evutha bhe wulaka.


Benza amaqebelengwane ngenhlama ababephume nayo eGibhithe; yayingenamvubelo ngokuba babexoshiwe eGibhithe bengasenakulinda, noma bagaye umphako.


USimakade wathi kuMose: “Manje uzokubona engizokwenza kuFaro. Uzobadedela bahambe, ngenxa yesandla esinamandla; ngesandla esinamandla uzobaxosha ezweni lakhe.”


UFaro wabiza uMose no-Aroni, wathi kubo: “Hambani kuleli lizwe niyokwenzela uNkulunkulu wenu umhlatshelo.”


UFaro wabiza uMose no-Aroni, wathi kubo: “Khulekani kuSimakade ukuze asuse amasele kimi nakubantu bami, ngizobadedela abantu bayokwenzela uSimakade umhlatshelo.”


Nizenzeleni lukhuni izinhliziyo zenu, njengoba kwenza abaseGibhithe noFaro, abazenza lukhuni izinhliziyo zabo na? Lapho esebashaye kanzima, ababavumelanga yini ukuba bahambe na?


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ