Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UEksodusi 12:16 - IsiZulu 2020

16 Ngosuku lokuqala niyoba nombuthano ongcwele, nangosuku lwesikhombisa. Aniyukusebenza ngalezo zinsuku; niyolungisa kuphela lokho okuyobe kuzodliwa ngabantu bonke.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 Ngosuku lokuqala niyakuba nomhlangano ongcwele, nangosuku lwesikhombisa nibe nomhlangano ongcwele; kungasetshenzwa ngazo, kuphela okudliwa ngabantu bonke; lokhu kodwa makwenziwe yinina.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

16 Ngosuku lokuqala kumelwe kube nomhlangano ongcwele, futhi ngosuku lwesikhombisa kumelwe nibe nomhlangano ongcwele; akunamsebenzi ongenziwa ngazo, kuphela lokho yilowo nalowo angakudla, okungenziwa yinina kuphela.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UEksodusi 12:16
21 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

wathi kubo: “USimakade ukhulumile wathi: ‘Kusasa lusuku lokuphumula, usuku olungcwele kuSimakade, bhakani enifuna ukukubhaka, nibilise enifuna ukukubilisa, okuseleyo kubekeni kuze kube sekuseni.’ ”


Bhekani, uSimakade uninike isabatha, ngakho-ke ngosuku lwesithupha uyaninika ukudla okwanele izinsuku ezimbili, hlalani yilowo nalowo endaweni yakhe, kungaphumi noyedwa endaweni yakhe ngosuku lwesikhombisa.”


Ngosuku lwesithupha bazobutha okuphindiwe kunalokho abakubutha nsuku zonke.”


kepha usuku lwesikhombisa luyisabatha likaSimakade, uNkulunkulu wakho; awuyukwenza msebenzi ngalo, wena nendodana yakho, indodakazi yakho, inceku yakho, incekukazi yakho, imfuyo yakho, nomfokazi ogogobele emzini wakho,


“Uyowugcina umkhosi wesinkwa esingenamvubelo. Uyakudla isinkwa esingenamvubelo izinsuku eziyisikhombisa njengoba ngakuyala, ngesikhathi esimisiweyo ngenyanga u-Abibi, ngokuba ngale nyanga waphuma eGibhithe.


Khawulani ukungilethela iminikelo engasho lutho; impepho iyisinengiso kimi. Imikhosi yenu yokwethwasa kwenyanga namasabatha, nokubiza imihlangano; anginakuyibekezelela imihlangano yenu emibi.


Niyakumemezela ngalolo lusuku, nibe nomhlangano ongcwele, aniyukusebenza msebenzi; lokhu kuyisimiso esiphakade ezizukulwaneni zenu, kuzo zonke izindlu zenu.


“Usuku lweshumi lwenyanga yesikhombisa luwusuku lokubuyisana; niyoba nomhlangano ongcwele, nithobise imiphefumulo yenu, ninikele ngomnikelo womlilo kuSimakade.


Ngosuku lokuqala kuyakuba ngumhlangano ongcwele, aniyukwenza msebenzi.


Ngosuku lokuqala kuyakuba ngumhlangano ongcwele; aniyukusebenza msebenzi.


Ngosuku lwesikhombisa niyoba nomhlangano ongcwele; aniyukusebenza msebenzi.


“ ‘Ngosuku lolibo, lapho ninikela kuSimakade ngomnikelo omusha wokusanhlamvu emkhosini wenu wamaviki, niyoba nomhlangano ongcwele; aniyukusebenza msebenzi.


“ ‘Ngenyanga yesikhombisa ngosuku lokuqala lwayo, niyoba nomhlangano ongcwele, aniyukusebenza msebenzi; kuyokuba wusuku lwenu lokushaya amacilongo.


“ ‘Ngosuku lwe-15 lwenyanga yesikhombisa niyoba nomhlangano ongcwele; aniyukwenza msebenzi, niyogubhela uSimakade umkhosi izinsuku eziyisikhombisa.


Ngakho-ke abaJuda, lokhu kwakulusuku lokulungisela, nokuba izidumbu zingahlali esiphambanweni ngesabatha, ngenxa yokuba isabatha kwakulusuku olukhulu, bacela kuPilatu ukuba kwephulwe imilenze yababethelweyo, bese besuswa.


Izinsuku eziyisithupha uyokudla isinkwa esingenamvubelo. Ngosuku lwesikhombisa, kuyoba ngumhlangano ozothileyo kuSimakade uNkulunkulu wakho; awuyukwenza msebenzi ngalo.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ