Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UDuteronomi 6:12 - IsiZulu 2020

12 kodwa uqaphele ukuba ungakhohlwa nguSimakade owakukhipha eGibhithe, indlu yobugqila.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 xwaya ukuba ungakhohlwa uJehova owakukhipha ezweni laseGibithe, indlu yobugqila.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

12 Qaphela ukuba ungakhohlwa uJehova owakukhipha ezweni laseGibhithe, endlini yobugqila.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UDuteronomi 6:12
22 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Kepha uSimakade owanikhuphula eGibhithe ngamandla amakhulu, nangengalo enamandla, niyokwesaba Yena kuphela, nimkhothamele, nimhlabele.


Ningasikhohlwa isivumelwano engasenza nani, ningabesabi abanye onkulunkulu.


“Zinjalo-ke izindlela zabo bonke abakhohlwa nguNkulunkulu, ithemba longenabunkulunkulu liyakushabalala.


Mbonge uSimakade, mphefumulo wami, ungaze wakhohlwa yimisebenzi yakhe yonke yomusa,


Konke lokhu kusehlele, kodwa akusenzanga sakhohlwa nguwe, asisephulanga isivumelwano sakho.


Ungazibulali, funa abantu bakithi bakhohlwe, kodwa zihlakaze ngamandla akho, uziqumbe phansi, Nkosi, sihlangu sethu.


Bayobeka ithemba labo kuNkulunkulu, bangakhohlwa yimisebenzi kaNkulunkulu, ukuze bagcine imiyalo yakhe.


Kuyakuthi ngomuso lapho indodana yakho ikubuza, ithi: ‘Kuyini lokhu na?’ uyothi: ‘USimakade wasikhipha ngesandla esinamandla eGibhithe, indlu yobugqila.


UMose wathi kubantu: “Lukhumbuleni lolu lusuku enaphuma ngalo eGibhithe endlini yobugqila, ngokuba uSimakade wanikhipha lapho ngesandla sakhe esinamandla; makungadliwa sinkwa esinemvubelo ngalo.


Ngakho-ke yisho kubantu bakwa-Israyeli, uthi: ‘NginguSimakade, ngiyakunikhulula emithwalweni yabaseGibhithe, nginikhulule ekugqilazweni yibo, nginihlenge ngengalo eyeluliweyo nangezenzo ezinkulu zokwehlulela.


funa ngisuthe, bese ngikuphika, ngithi: ‘USimakade ungubani na?’ funa ngibe mpofu, ngebe, ngilihlambalaze igama likaNkulunkulu wami.


Ngokuba umkhohliwe uNkulunkulu wensindiso yakho, awulikhumbulanga iDwala ophephela kulo, ngalokho-ke noma utshala izithombo zekhethelo, uhlwanyele amahlumela angaziwayo,


Usumkhohliwe uSimakade uMenzi wakho, owaleneka izulu, wabeka nesisekelo somhlaba. Uthuthumele usuku lonke ngenxa yolaka lomcindezeli, ozilungiselela ukubhubhisa. Kepha luphi ulaka lomcindezeli na?


“Usho kanje uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: Mina ngenza isivumelwano nokhokho benu mhla ngibakhipha eGibhithe, endlini yobugqila, ngathi:


Ngiyakumjezisela izinsuku zoBhali lezo ayebashisela ngazo impepho, ezihlobisa ngezindandatho zakhe nangobucwebecwebe bakhe, elandela izithandwa zakhe, wangikhohlwa Mina,” kusho uSimakade.


Le nsephe niyothi njalo uma niyibheka, nikhumbule yonke imiyalo kaSimakade, niyenze. Aniyukuhamba ngokulawulwa yizinhliziyo zenu nangokubona kwenu enanivame ukukwenza nilandela izindlela zokuphinga.


Walikhohlwa iDwala elakuzalayo, wamkhohlwa uNkulunkulu owakudalayo.


Qaphelani, funa nikhohlwe isivumelwano sikaSimakade uNkulunkulu wenu asenza nani, bese nizenzela izithombe ezibaziweyo ngomfanekiso wento uSimakade uNkulunkulu wakho akuyala ngayo.


“Kepha qikelela, uqaphele kakhulu, funa ukhohlwe yizinto ozibonile ngamehlo akho, funa zisuke enhliziyweni yakho izinsuku zonke zokuhamba kwakho. Bazise zona abantwana bakho nabantwana babantwana babo nokuthi,


“Uyakudla usuthe, umbonge uSimakade uNkulunkulu wakho ngezwe elihle akunike lona.


Qaphelani funa kube khona onithumbayo ngokuhlakanipha nangenkohliso eyize ngokwemvelo yabantu, ngezimfundiso zokucathula kwezwe, okungesikho okukaKhristu.


bamshiya uSimakade uNkulunkulu wokhokho babo, owabakhipha eGibhithe, balandela abanye onkulunkulu, onkulunkulu babantu ababebazungezile, babakhothamela, baluchukuluza ulaka luSimakade.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ