Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UDuteronomi 33:17 - IsiZulu 2020

17 Izibulo lenkunzi yakhe, udumo lwakhe, nezimpondo zenyathi ziyizimpondo zakhe; ngazo uyakuqhubukusha izizwe zonke ekugcineni komhlaba; zinjalo izigidi zakwa-Efrayimi, zinjalo izinkulungwane zakwaManase.’

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

17 Izibulo lenkunzi yakhe liludumo lwakhe, nezimpondo zenyathi ziyizimpondo zakhe; uyakuqhubukusha ngazo izizwe zonke ekugcineni komhlaba; zinjalo izigidi zakwa-Efrayimi, zinjalo izinkulungwane zakwaManase.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

17 Udumo lwakhe lunjengezibulo lenkunzi yakhe, nezimpondo zakhe zinjengezimpondo zenyathi; ngalokho Uyodudula abantu ndawonye kuze kube semikhawulweni yomhlaba; futhi bayizinkulungwane eziyishumi zakwa-Efrayimi, futhi bayizinkulungwane zakwaManase.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UDuteronomi 33:17
27 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

UJakobe akavumanga, kodwa wathi: “Ngiyazi, ndodana yami, ngiyazi; naye uzokuba yisizwe, abe mkhulu. Nokho umnawakhe u-Efrayimi uzokuba mkhulu kunaye, izizukulwane zakhe zibe yizizwe eziningi.”


UZedekiya, indodana kaKhenahana, wazenzela izimpondo zensimbi, wathi: “Usho kanje uSimakade, uthi: ‘Ngalezi zimpondo uyakuqhubukusha ama-Aramu, uze uwabhubhise.’ ”


Engxenyeni yesizwana sakwaManase kwakuyizi-18 000 ezazibizwe ngamagama ukuba zifike zizobeka uDavide, abe yinkosi.


Kwabozalo luka-Isakhare, labo ababeqonda ngezikhathi ukuba bazi okufanele kwenziwe ngu-Israyeli; izinhloko zabo ezazingama-200; bonke abafowabo balalela izwi labo.


Amadodana kaRubeni, izibulo lika-Israyeli. Wayeyizibulo, kodwa ngenxa yokuba wangcolisa umbhede kayise, ubuzibulo bakhe banikwa amadodana kaJosefa, indodana ka-Israyeli, futhi akabhalwangwa nasezizukulwaneni njengezibulo.


Noma uJuda wayenamandla kunabafowabo, kwavela kuye umbusi, ubuzibulo nokho babungobukaJosefa.


Abantu ababeyingxenye yesizwana sakwaManase bahlala kulelo lizwe, kusukela eBhashani kuze kube seBhali Hermoni, eSeniri, nasentabeni iHermoni.


UZedekiya, indodana kaKhenahana, wayezenzele izimpondo zensimbi, wathi: “Usho kanje uSimakade, uthi: ‘Ngalezi zimpondo uyakuwagwaza ama-Aramu uwabhubhise aze aphele nya.’ ”


Ngisindise emlonyeni webhubesi, nasezimpondweni zenyathi; uyangiphendula.


ILebhanoni alenze litshekule njengenkonyane, neSiriyoni, njengethole lenyathi.


Ngawe sizakuzilahla phansi izitha zethu, ngegama lakho sizakubanyathela abasivukelayo.


UGileyadi noManase bangabami, u-Efrayimi uyisivikelo sekhanda lami, uJuda uyintonga yami yokubusa.


kodwa udumo lwami uluphakamise lwanjengophondo lwenyathi, ngagcotshwa ngamafutha amasha.


Izinyathi ziyokuwa kanye nabo, kuwe amavukana nezinkunzi ezinamandla. Izwe labo liyogcwala igazi, nothuli lwakhona lucifike amafutha.


Ngokuba nizisunduza ngohlangothi nangehlombe, niqhubukusha zonke ezigulayo ngezimpondo zenu, nize nizihlakazele ngaphandle,


Ngabona inqama igasela entshonalanga, enyakatho, naseningizimu; kwakungekho silo esasingama phambi kwayo, kwakungekho ongophula esandleni sayo, kepha yenza njengentando yayo, yazikhulisa.


“Mina, ngiyamazi u-Efrayimi, no-Israyeli akafihlekile kimi, ngokuba manje, wena Efrayimi uzifebele, u-Israyeli wazingcolisa.”


“Ngiyakwenzani ngawe Efrayimi na? Ngiyakwenzani ngawe Juda na? Uthando lwenu lunjengomlalamvubu ekuseni, nanjengamazolo asekuseni eshabalala.


“Lapho nje ngimphulukisa u-Israyeli, kuyakuhlala obala isiphambeko sika-Efrayimi nobubi beSamariya, ngokuba benza inkohliso, kwagqekeza amasela, neqembu labaphangi lahlasela emigwaqweni.


UNkulunkulu owabakhipha eGibhithe; unjengezimpondo zenyathi kubo.


“UNkulunkulu owabakhipha eGibhithe; unjengezimpondo zenyathi kubo; uyoqothula izizwe, izitha zakhe, ephule amathambo azo, azigwaze ngemicibisholo yakhe.


Yileyo-ke imindeni kaManase, ababalwayo babeyizi-52 700.


Yileyo-ke imindeni yabozalo luka-Efrayimi, ababalwayo babeyizi-32 500. Lebo kwakungabozalo lukaJosefa ngemindeni yabo.


Isizwana sabozalo lukaJosefa sakhuluma noJoshuwa, sathi: “Usinikeleni isabelo sasinye nengxenye eyodwa kuphela, ukuba kube yifa lethu, njengoba singabantu abaningi, futhi uSimakade eqhubeka nokusibusisa na?”


kodwa elezintaba kuzoba ngelakho, ngokuba nakuba liyihlathi nizolicaba libe yifa lenu namaphethelo alo, ngokuba nizowaxosha amaKhanani, ngisho enezinqola zensimbi, futhi enamandla.”


UHana wakhuleka wathi: “Inhliziyo yami iyethaba kuSimakade, uSimakade ungiqinisile, manje nginempendulo ezitheni zami, ngiyathokoza, ngokuba ungikhululile.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ