Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UDuteronomi 33:13 - IsiZulu 2020

13 “NgoJosefa wathi: ‘Izwe lakhe malibusiswe nguSimakade ngamagugu asezulwini, ngamazolo, ngotwa olwenabileyo phansi,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 NgoJosefa wathi: “Izwe lakhe malibusiswe nguJehova ngamagugu asezulwini, nangamazolo, nangotwa olwenabileyo phansi,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

13 NgoJosefa wathi: “Libusiswe nguJehova izwe lakhe phezu kwezinto eziyigugu zezulu, naphezu kwamazolo naphezu kukazamcolo wamanzi alele phansi;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UDuteronomi 33:13
20 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Kuthe lapho esondela kuye emanga, u-Isaka wahogela iphunga ezingutsheni zakhe, wayesembusisa. Wathi: “Iphunga lendodana yami lifana nephunga lensimu ebusiswe nguSimakade.


Uyise wayesethi kuye: “Uyohlala endaweni ekude nezwe elivundileyo, lapho kungekho mazolo avela phezulu ezulwini.


“Ngakho-ke lawa madodana akho amabili azalelwe lapha eGibhithe ngingakafiki, asengawami manje. U-Efrayimi noManase bangabami, njengoba kunjalo kuRubeni noSimeyoni.


UJosefa wathi kuyise: “Ngamadodana ami uNkulunkulu angiphe wona ngikuleli lizwe.” Uyise wayesethi: “Alethe lapha ukuze ngiwabusise.”


Impande yami iyokwenabela emanzini, kulale amazolo egatsheni lami ubusuku bonke;


Abantu bakho bayokuza kuwe, behlobe ngemvunulo engcwele, bayovela njengombethe entathakusa.


Mdumiseni uSimakade emhlabeni nina mikhomo nezintwa zonke,


Ukuthukuthela kwenkosi kunjengokubhonga kwengonyama, kepha isihe sayo sinjengamazolo otshanini.


Ngokwazi kwakhe izinzulu zaqhekezwa, amafu aconsa amazolo.


Ngokuba ungitshelile uSimakade, wathi: “Ngizobuka, ngithule ngisendaweni yami, njengokushisa kwelanga, nanjengefu lamazolo ekushiseni ngesikhathi sokuvuna.”


Ngiyakuba njengamazolo ku-Israyeli, uyakuqhakaza njengomnduze, agxilise izimpande zakhe njengeLebhanoni.


Insali kaJakobe iyakuba phakathi kwezizwe eziningi njengamazolo avela kuSimakade, nanjengezihlambi otshanini ezingalindeli muntu, nezingahlaleli bantwana babantu.


“Kuyakuba khona imbewu yokuthula, umvini uyakuthela isithelo sawo, umhlabathi ukhiqize ukudla kwawo, amazulu ehlise amazolo awo. Konke lokhu ngiyakukunika insali yalaba bantu kube yifa layo.


Abozalo lukaJosefa, okungukuthi uzalo lwabakwa-Efrayimi, ngokolibo lwemindeni yabo nangezindlu zawoyise njengokomumo wamagama, kusukela kwabaneminyaka engama-20, bonke abangaphuma impi:


Isifundiso sami masehle njengemvula, inkulumo yami iconse njengamazolo, njengomkhizo otshanini, nanjengezihlambi ohlazeni,


ngamagugu ezithelo zelanga, ngamagugu esivuno senyanga,


U-Israyeli uhleli ngokuvikeleka; umthombo kaJakobe wehlukene wodwa ezweni lokusanhlamvu nelewayini; lapho amazulu akhe econsa amazolo.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ