Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UDuteronomi 32:46 - IsiZulu 2020

46 wathi kubo: “Agcineni enhliziyweni yenu wonke lawa mazwi enginixwayisa ngawo namuhla, niyale ngawo abantwana benu, ukuze baqikelele ukuwenza wonke amazwi alo mthetho.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

46 wathi kubo: “Bekani inhliziyo yenu kuwo onke amazwi engiwafakazela kini namuhla, eniyakuyala ngawo abantwana benu ukuba baqaphele ukuwenza amazwi onke alo mthetho.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

46 Wathi kubo: “Bekani izinhliziyo zenu kuwo wonke amazwi engiwafakazayo phakathi kwenu namuhla, eniyakuyala ngawo abantwana benu ukuba baqaphele ukuwenza onke amazwi alo mthetho.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UDuteronomi 32:46
15 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Ngakho-ke nikelani inhliziyo yenu nomphefumulo wenu, nifune uSimakade uNkulunkulu wenu. Sukani nakhe indawo engcwele kaSimakade uNkulunkulu, ukuze kungeniswe umphongolo wesivumelwano sikaSimakade, nezinto ezingcwele zikaNkulunkulu kuleyo ndlu eyokwakhelwa igama likaSimakade.”


Wamisa isiyalo kwaJakobe, washaya umthetho kwa-Israyeli, wayala ukuba okhokho bethu bawufundise abantwana babo,


Endleleni yokulunga kunokuphila, emikhondweni yakho akukho ukufa.


Lo muntu wathi kimi: “Ndodana yomuntu, bheka ngamehlo akho, uzwe ngezindlebe zakho, ubeke inhliziyo yakho kukho konke engizokukhombisa khona, ngokuba ulethwe lapha ukuba ngikukhombise. Tshela indlu yakwa-Israyeli ngakho konke lokhu okubonayo.”


USimakade wathi kimi: “Ndodana yomuntu, qaphelisisa, uzibonele ngawakho amehlo, uzizwele ngezakho izindlebe konke engikukhuluma kuwe maqondana nazo zonke izimiso zendlu kaSimakade, nangayo yonke imithetho yayo; uyiqaphelisise indawo yokungena yendlu, nazo zonke izindawo zokuphuma zendlu engcwele.


Ngokuba usho kanje uSimakade kuyo indlu yakwa-Israyeli, uthi: “Ngifuneni, niphile.


“Vulani izindlebe zenu nilalele lawa mazwi, ngokuba iNdodana yomuntu izakukhashelwa ezandleni zabantu.”


Niyakuwabeka lawa mazwi ami enhliziyweni yenu nasemphefumulweni wenu, niwabophe abe wuphawu esandleni senu, abe yisikhumbuzo phakathi kwamehlo enu.


Niyakuwafundisa abantwana benu, ngokukhuluma ngawo, lapho uhlezi endlini yakho, nalapho uhamba endleleni, nalapho ulala, nalapho uvuka.


UMose eseqedile ukukhuluma wonke lawa mazwi kubo bonke abakwa-Israyeli,


Ngalokho niyoqaphela ukuba nizigcine, ngokuba lokhu kuyoba ngukuhlakanipha kwenu nokuqonda kwenu emehlweni ezizwe eziyakuzwa ngazo zonke lezi zimiso, futhi ziyakuthi: ‘Impela lesi sizwe esikhulu singabantu abahlakaniphileyo nabaqondayo.’


“Kepha qikelela, uqaphele kakhulu, funa ukhohlwe yizinto ozibonile ngamehlo akho, funa zisuke enhliziyweni yakho izinsuku zonke zokuhamba kwakho. Bazise zona abantwana bakho nabantwana babantwana babo nokuthi,


Ngakho-ke kufanele kakhulu ukuba sibambisisise lokho esikuzwileyo, funa siphambuke kukho.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ