Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UDuteronomi 32:27 - IsiZulu 2020

27 kungenjalo, ngesaba ukuchukuluzwa yisitha, funa abamelene nabo baqonde, bathi: “Izandla zethu eziphakamile, akusiye uSimakade owenze konke lokhu.” ’ ”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

27 uma bengingesabi ukuncokoloza kwezitha, funa abamelene nabo baduke, funa bathi: “Isandla sethu siphakeme, uJehova akenzanga konke lokhu.” ’

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

27 Akukhona yini ukuthi ngesaba ulaka lwesitha, ukuthi izitha zabo zazingayikwenza isimangaliso, nokuthi zathi: ‘Isandla sethu siphakeme, futhi uJehova akenzanga konke lokhu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UDuteronomi 32:27
24 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Umuntu kaNkulunkulu wayesesondela enkosini yakwa-Israyeli, wathi kuyo: “Usho kanje uSimakade, uthi: ‘Ngenxa yokuba ama-Aramu athe uSimakade unguNkulunkulu wezintaba, akasiye uNkulunkulu wezigodi, ngizosinikela sonke lesi sixuku esikhulu esandleni sakho, ukuze nazi ukuthi nginguSimakade.’ ”


Simakade, ungazivumeli izifiso zezikhohlakali, ungawaphumelelisi amacebo azo, funa zizikhukhumeze. Sela


Abangibunganyele mabasibekelwe ngububi bomlomo wabo.


Abazukusho yini abaseGibhithe bathi: ‘Wabakhipha ehlose okubi, ukuba ababulalele ezintabeni, abaqothe baphele nya emhlabeni.’ Phenduka olakeni lwakho olukhulu, uguqule umqondo wakho, ungabehliseli okubi abantu bakho.


“Anokuthi kuHezekiya, inkosi yakwaJuda: uNkulunkulu wakho omethembayo makangakuyengi ucabange ukuthi iJerusalema aliyukunikelwa esandleni senkosi yase-Asiriya.


“Ngiyakuwuvikela lo muzi ngiwusindise ngenxa yami nangenxa kaDavide inceku yami.”


Wathi wena: ‘Ngiyohlala ngiyindlovukazi, kuze kube phakade.’ Ngalokho awubekanga lezi zinto enhliziyweni yakho, awukhumbulanga isiphetho sazo.


Ngenxa yami, impela ngenxa yami, ngiyokwenza. Kungani iGama lami lingcoliswa na? Angiyukuyinika omunye inkazimulo yami.


Ngokuba bangihlubukile, baphatha le ndawo njengeyabezizwe, bashisela abanye onkulunkulu impepho kuyo, ababengabazi, bona nokhokho babo, namakhosi akwaJuda, bagcwalisa le ndawo ngegazi labangenacala.


Ukungcola kwalo kusemphethweni wezingubo zalo, alicabanganga ngomphumela wokona kwalo, liwile ngendlela emangalisayo, akekho ongaliduduza. Bheka Simakade, ukuhlupheka kwami, ngokuba isitha sinqobile.


Ngalokho, nkosi, masamukeleke kuwe iseluleko sami, ushiye izono zakho ngokwenza okulungileyo, uhlukane nobubi bakho ngokuba nomusa kwabampofu; mhlawumbe impumelelo yakho ingaqhubekela phambili.”


“ ‘Kodwa noma ngubani owona ngehloso noma ngabe ungowengabadi noma ngumfokazi, ahlambalaze uSimakade, uyonqunywa kubantu bakubo,


funa izwe owasikhipha kulo lithi: “Kwaba ngenxa yokuba uSimakade wayengakwazi ukubangenisa ezweni ayebathembise lona, futhi ebazonda; ubakhiphile ukuze ababulalele ehlane.”


AmaKhanani nabo bonke abakhileyo kuleli lizwe bazokuzwa ngalokhu bese beyasizungeza, balishabalalise igama lethu emhlabeni. Uyakulenzelani-ke igama lakho elikhulu kangaka, na?”


USimakade akayukubashiya abantu bakhe ngenxa yegama lakhe elikhulu, lokhu kwaba kuhle kuSimakade ukuba azenzele nina nibe ngabantu bakhe.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ