Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UDuteronomi 31:14 - IsiZulu 2020

14 USimakade wathi kuMose: “Bheka, izinsuku zakho zokuba ufe sezisondele, biza uJoshuwa, ningene ethendeni lokuhlangana ukuze ngimyale.” UMose noJoshuwa bahamba, bema ethendeni lokuhlangana.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 UJehova wathi kuMose: “Bheka, izinsuku zakho sezisondele zokuba ufe; mbize uJoshuwa, nime etendeni lokuhlangana ukuba ngimyale.” OMose noJoshuwa base behamba, bema etendeni lokuhlangana.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

14 UJehova wathi kuMose: “Bheka, izinsuku zakho zisondele ukuba ufe; wamemeza uJoshuwa, nimisa etendeni lokuhlangana ukuba ngimyale. OMose noJoshuwa bahamba, babangenisa etendeni lokuhlangana.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UDuteronomi 31:14
29 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Zasondela izinsuku zika-Israyeli zokuba afe, wayesebiza indodana yakhe uJosefa, wathi kuyo: “Uma ngifumene umusa emehlweni akho, ngiyakucela, faka isandla sakho phansi kwethanga lami, bese ungethembisa ukuthi uyongenzela umusa neqiniso. Uze ungangingcwabi lapha eGibhithe,


Lapho sezisondela izinsuku zokufa kukaDavide, wayiyala indodana yakhe, uSolomoni, wathi:


Ngakho-ke usho kanje uSimakade, uthi: “Umbhede olele kuwo awuyukwehla kuwo; impela uzokufa.” U-Eliya wayesesuka.


Ngalezo zinsuku uHezekiya wagula; kwakwembulwa kwembeswa. Kwafika kuye u-Izaya, umphrofethi, indodana ka-Amose, wathi kuye: “Usho kanje uSimakade, uthi: ‘Yaleza endlini yakho, ngokuba awuyukusinda, uyakufa nokufa.’ ”


Langa limbe, amadodana kaNkulunkulu eza azibonakalisa phambi kukaSimakade, noSathane wafika waba mdibi munye nawo.


Ngelinye ilanga kwafika amadodana kaNkulunkulu, azibonakalisa phambi kukaSimakade; noSathane wafika wema kanye nawo phambi kukaSimakade.


USimakade wakhuluma kanjalo noMose ubuso nobuso, njengomuntu ezikhulumela nomngani wakhe. Wabuyela enkanjini, kodwa inceku yakhe, insizwa enguJoshuwa indodana kaNuni, ayiphumanga ethendeni.


Lapho uMose engena ethendeni, kwakwehla insika yefu ime emnyango wethende, bese uSimakade ekhuluma noMose.


Zilungiselele ukuba ekuseni kusasa ukhuphukele entabeni iSinayi, uzibonakalise khona phambi kwami esiqongweni sentaba.


Abaphilayo bayazi ukuthi bazokufa, kodwa abafileyo abasazi lutho, futhi abasenamvuzo; abasakhunjulwa nakukhunjulwa.


Ngalezo zinsuku uHezekiya wagula wabangwa nezibi. Kwase kufika kuye umphrofethi u-Izaya, indodana ka-Amozi, wathi: “Usho kanje uSimakade, uthi: ‘Lungisa izindaba zendlu yakho ngokuba uzokufa, ngeke uze usinde.’ ”


USimakade wathi kuMose: “Khuphukela entabeni i-Abharimi, ubone izwe engilabele abantu bakwa-Israyeli.


Uma usulibonile, nawe uyakuyiswa koyihlomkhulu njengomfowenu u-Aroni.


USimakade wathi kuMose: “Thatha uJoshuwa, indodana kaNuni, umuntu onoMoya wami, ubeke isandla sakho phezu kwakhe,


Ngakho-ke ngiyanincenga bazalwane, ngobubele bukaNkulunkulu ukuba ninikele imizimba yenu ibe ngumnikelo ophilileyo, ongcwele, othandekayo kuNkulunkulu; kube ngukukhonza kwenu ngokomoya.


nokuthi abantwana babo abangawaziyo bawuzwe, bafunde ukumesaba uSimakade uNkulunkulu wenu ngazo zonke izinsuku nihleli ezweni eniwela iJordani ukuba nilidle.”


wathi kubo: “Namuhla ngineminyaka eyi-120 angisakwazi kuphuma nakungena; uSimakade uthe kimi: ‘Awuyukuliwela leli Jordani.’


Wamgunyaza uJoshuwa, indodana kaNuni, wathi: “Qina, ume isibindi, ngokuba nguwe ozongenisa abantu bakwa-Israyeli ezweni engafunga ngalo kubo; Mina ngizokuba nawe.”


Uyofela kuleyo ntaba okhuphukela kuyo, ubuyele kwabakini, njengoba no-Aroni, umfowenu, afela entabeni iHori, wabuyela kwabakubo,


UMose inceku kaSimakade wafela khona lapho kwaMowabi, njengezwi likaSimakade.


Kepha mina sengizakufa kuleli lizwe, angizukuliwela iJordani, kodwa nina nizoliwela, nilidle leli lizwe elihle.


“Bhekani, namuhla sengizokufa; niyazi ezinhliziyweni nasemiphefumulweni yenu nonke ukuthi akukho nokukodwa okwaphuthayo kwangaphumelela kulokho uSimakade uNkulunkulu wenu akwethembisa mayelana nani; konke kwaphumelela, akukho nakunye okwaphutha.


UJoshuwa wayeseqoqa zonke izizwana zakwa-Israyeli eShekhemi, wabiza amalunga akwa-Israyeli, izinhloko, abehluleli, nezikhulu, bema phambi kukaNkulunkulu.


Kepha kuYena onamandla okunilonda ningakhubeki, animise phambi kwenkazimulo yakhe ningenasici, ninokuthokoza.


Kodwa nina namhlanje nimlahlile uNkulunkulu wenu, owanisindisa ezingozini zonke, nasezinsizini, nithe kuye: ‘Beka inkosi phezu kwethu, isibuse.’ “Ngakho-ke manje, yimani phambi kukaSimakade ngokwezizwana zenu nangemindeni yenu.”


UDavide wathi: “Ngifunga ngiyagomela, uSimakade uyakumshaya, noma afikelwe wusuku lokufa, ehlele empini, abhubhe.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ