Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UDuteronomi 28:31 - IsiZulu 2020

31 Inkabi yakho iyakuhlatshwa uzibonela ngawakho amehlo, ungayidli; imbongolo yakho iyakuhlwithwa ebusweni bakho, ingabuyiselwa kuwe; izimvu zakho ziyakunikwa izitha zakho, akuyukuba bikho oyakukusindisa.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

31 Inkabi yakho iyakuhlatshwa emehlweni akho, ungayidli; imbongolo yakho iyakuhlwithwa ebusweni bakho, ingabuyiselwa kuwe; izimvu zakho ziyakunikwa izitha zakho, kungabikho okusindisayo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

31 Izinkomo zakho ziyakuhlatshwa phambi kwamehlo akho, ungazidli; imbongolo yakho iyakuhlwithwa phambi kobuso bakho, ingabuyi kuwe; izimvu zakho ziyakunikwa izitha zakho, kepha awuyikuba nalutho. Ukuze abasindise.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UDuteronomi 28:31
8 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Ifa lendlu yakhe liyoshabalala, linyamalale ngosuku lwentukuthelo kaNkulunkulu.


USimakade ufunge ngesandla sakhe sokunene nangengalo yamandla akhe, wathi: “Impela angisayukuphinde nginike izitha zakho okusanhlamvu kwakho, kube ngukudla kwazo. Abezizwe abayukuliphuza iwayini lakho elisha olikhandlekeleyo,


Siyakudla isivuno sakho nesinkwa sakho, sidle amadodana namadodakazi akho, sidle izimvu zakho nezinkomo zakho, sidle imivini yakho nemikhiwane yakho, sibhubhise ngenkemba imizi yakini ebiyelweyo enethembele kuyo.


“Uyakuthembisana umendo nowesifazane, omunye amdlwengule alale naye; uyakukwakha indlu, ungahlali kuyo; uyakutshala isivini, ungazikhi izithelo zaso.


Amadodana akho namadodakazi akho ayakunikwa ezinye izizwe, ubuka ngamehlo akho, uyofisa ukuwasiza usuku lonke, kodwa isandla sakho singabi namandla okwenza utho.


Abantu bakwa-Israyeli benza okubi emehlweni kaSimakade, uSimakade wabanikela esandleni sabakwaMidiyani iminyaka eyisikhombisa.


Babekanisa eduzane nakwa-Israyeli baqothule isivuno sezwe kuze kuyofika komakhelwane eGaza, bangabashiyeli kudla kwa-Israyeli, wena zimvu, zinkabi, nazimbongolo.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ