Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UDuteronomi 28:22 - IsiZulu 2020

22 USimakade uyokushaya ngalezi zifo: isifuba, umkhuhlane, ukushisa komzimba, imfiva, ukushisa okukhulu, isikhutha kanye nenkemba; kuyokuxosha uze ubhubhe uphele.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

22 UJehova uyakukushaya ngesifuba, nangomkhuhlane, nangesivuvushisa somzimba, nangokushisa okukhulu, nangenkemba, nangokuhamuka, nangesikhutha; kuyakukuxosha uze uphele.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

22 UJehova uyakukushaya ngesifo, nangomkhuhlane, nangomkhuhlane, nangomlilo omkhulu, nangenkemba, nangamabhamuza, nangesikhunta; futhi ziyakukusukela uze ubhubhe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UDuteronomi 28:22
14 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Kwathi ngokuhamba kwezinsuku, umfudlana washa, ngokuba kwakungekho mvula ezweni.


“Uma kukhona indlala ezweni, ubhubhane, ukuhwamuka, isikhutha, isikhonyane, umswenya, noma isitha sabo sibavimbezela ezweni emasangweni abo, noma ngabe iyiphi inhlupheko nobhubhane,


“Uma kuba khona indlala ezweni, noma imbo, noma ukuhwamuka, nesikhutha, isikhonyane, umswenya noma izitha zabo zibavimbezela ezweni lemizi yabo, noma inhlupheko yahlobo luni nasifo sini,


Bayakuzila ukudla, kodwa angiyukuzwa ukunxusa kwabo; bayakunikela ngomnikelo wokushiswa nangowokusanhlamvu; angiyukuthokoza ngabo, kodwa ngiyakubaqeda ngenkemba, ngendlala, nangobhubhane.”


“Bayakubulawa yizifo, bangalilelwa, futhi bangangcwatshwa; bayakufana nendle emhlabathini, baqothulwe ngenkemba, babhujiswe yindlala, izidumbu zabo ziyakuba ngukudla kwezinyoni zezulu, nezilwane zomhlaba.”


nakhu engiyokwenza kini: ngiyonehlisela ingebhe, ufuba, umkhuhlane ovala amehlo, nokudangala komphefumulo. Niyotshala imbewu ningazuzi lutho, kudliwe yizitha zenu ebenikutshalile.


“Nganishaya ngokuhwamuka nesikhutha; izivande zenu ezininingi, izivini zenu, imikhiwane yenu neminqumo yenu kwadliwa yisikhonyane, kodwa anibuyelanga kimi,” kusho uSimakade.


Ngase ngibiza isomiso sibe phezu kwezwe, phezu kwezintaba, phezu kokusanhlamvu, phezu kwewayini elisha, phezu kwamafutha amasha, phezu kokuvezwa ngumhlabathi, phezu kwabantu, phezu kwemfuyo, naphezu kwawo wonke umshikashika wezandla.”


Nganishaya ngokuhwamuka, ngesikhunta, nangesichotho kuyo yonke imisebenzi yezandla zenu, kodwa anibuyelanga kimi,” kusho uSimakade.


Isekhona yini imbewu enqolobaneni na? Imivini, imikhiwane, amahananadi, iminqumo akuthelanga. Kodwa kusukela ngalolu lusuku ngiyakukubusisa.”


Lokhu kuyakuba ubhubhane uSimakade ayakushaya ngalo izizwe ezaphaka impi zalwa neJerusalema: inyama yabo iyobola bemi ngezinyawo zabo; amehlo abo abole ezikhoxeni zawo, nolimi lwabo lubolele emlonyeni wabo.


Izulu lakho phezu kwekhanda lakho liyakuba yithusi, umhlaba ophansi kwakho ube yinsimbi.


bayakuphela amandla yindlala, baqedwe wubhubhane, baqothulwe yisifo esibi, ngibathumele ngezinzawula zezilwane zasendle ezinesihlungu nezihuquzela othulini, zibalume.


ngibiza izulu nomhlaba ukuba kube ngufakazi ngani namuhla, ukuthi niyakuqothulwa niphele masinyane ezweni eniwela iJordani ukuba nilidle. Izinsuku zenu aziyukwanda kulo, niyakuqothulwa nokuqothulwa.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ