Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UDuteronomi 25:2 - IsiZulu 2020

2 Uma onecala kufanele ukuba ashaywe, umehluleli uyomlalisa phansi, ashaywe ngomunye phambi kwakhe. Ubuningi bemivimbo buyoba ngangokwecala lakhe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 kuze kuthi uma onecala efanele ukushaywa, umahluleli amenze alale phansi, ashaywe phambi kwakhe, ubuningi bemivimbo bube njengokwecala lakhe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Uma omubi efanele ukushaywa, umahluleli amlalise phansi, amshaye phambi kwakhe njengokwecala lakhe ngenani elithile.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UDuteronomi 25:2
10 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Ngawathethisa lawo madoda, ngawaqalekisa, amanye ngawashaya, ngawahluthula izinwele, ngathi awenze isifungo kuNkulunkulu: “Aniyukuwaganisela amadodana abo ngamadodakazi enu, futhi aniyukuwathathela amadodana enu, noma nizithathele nina abafazi emadodakazini abo.


Ukulahlwa kulungiselwe izedeleli, nemivimbo, umhlane weziwula.


“Kepha xwayani abantu, ngokuba bayakunikhaphela ezigcawini zokwehlulela, banishaye emasinagogeni abo.


UPilatu wayesebakhululela uBharabha, kodwa eseshayiwe uJesu, wamnikela ukuba abethelwe esiphambanweni.


Khona uPawula wathi kuye: “UNkulunkulu uzakukushaya wena ludonga olucakiweyo; uhleli ukuba ungehlulele ngokomthetho, kodwa wephula umthetho ngokuyala ukuba ngishaywe na?”


Sebebabizile abaphostoli, babashaya, babaxwayisa ngokuthi bangakhulumi ngegama likaJesu, base bebakhulula.


Kunamvuzo muni ukubekezela lapho nishayelwa enikonileyo na? Kepha uma nibekezela lapho nihlushwa nibe nenze okuhle, lokho kuyancomeka kuNkulunkulu.


owathwala izono zethu emzimbeni wakhe, emthini, ukuze kuthi sesifile ezonweni, siphile ekulungeni. Ngemivimbo yakhe naphiliswa,


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ