Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UDuteronomi 22:9 - IsiZulu 2020

9 “Awuyukutshala esivinini sakho izinhlobo ezimbili ezingafani zembewu, funa imbewu oyitshalile nesivuno sesivini sakho kube ngcwele.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 “Awuyikutshala isivini sakho ngezinhlobo ezimbili zembewu, funa zonke izithelo zibe ngezendlu engcwele, imbewu owayitshalayo nezithelo zesivini.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Akumelwe uhlwanyele isivini sakho ngembewu ehlukahlukene, funa isithelo sembewu oyihlwanyele nesithelo sesivini sakho singangcoliswa.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UDuteronomi 22:9
9 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

“ ‘Niyakuzigcina izimiso zami. Aniyukuvumela izilwane zenu zizekwe ngolunye uhlobo. Aniyukuhlwanyela ensimini yenu izinhlobo ezimbili zembewu, futhi aniyukugqoka ingubo eyenziwe ngezinhlobo ezimbili zezintanjana.


“Akekho ongakhonza amakhosi amabili. Ngokuba uyakuzonda enye, athande enye; noma abambelele kwenye, ayedelele enye. Ningeke nakhonza uNkulunkulu noMamona.


Akekho ochibiyela ngendwangu entsha engutsheni endala, ngokuba isichibi sizoyiklebhuka ingubo endala, bese imbobo yanda kakhulu.


Kepha uma kungokomusa, akusayi ngemisebenzi; ngokuba uma kungenjalo, umusa awuseyiwo umusa.


Ngokuba ukuzibonga kwethu yilokhu okungubufakazi bukanembeza wethu, ukuthi sibe msulwa, sahamba ngobuqotho bukaNkulunkulu emhlabeni, ikakhulu maqondana nani; asihambanga ngokuhlakanipha kwabantu, kodwa ngomusa kaNkulunkulu.


Kepha nginovalo ukuthi njengalokho inyoka yamkhohlisa u-Eva ngobuqili bayo, kanjalo izingqondo zenu mhlawumbe zedukiswe, ziyeke ubuqotho nobumhlophe kuKhristu.


“Lapho wakha indlu entsha, uyokwenza umpheme ophahleni lwayo ukuze ungazethwesi icala legazi uma umuntu ewa lapho.


Emlonyeni owodwa kuphuma izibusiso neziqalekiso. Bazalwane bami, akufanele ukuba lokho kube kanjalo.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ