Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UDuteronomi 16:16 - IsiZulu 2020

16 “Bonke abesilisa okanye nabo bayakuvela kathathu ngonyaka phambi kukaSimakade uNkulunkulu wakho, endaweni ayoyiqoka: ngoMkhosi Wesinkwa Esingenamvubelo, ngoMkhosi Wamasonto, nangoMkhosi Wamadokodo; abayukuza phambi kukaSimakade bengaphethe lutho olungumnikelo ezandleni.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 “Kathathu ngomnyaka bonke abesilisa bakho bayakubonakala phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho endaweni ayakuyikhetha: ngomkhosi wesinkwa esingenamvubelo, nangomkhosi wamasonto, nangomkhosi wamadokodo; bangabonakali phambi kukaJehova bengenalutho;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

16 Kathathu ngomnyaka bonke abesilisa bakho bayakubonakala phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho endaweni ayakuyikhetha; ngomkhosi wesinkwa esingenamvubelo, nangomkhosi wamasonto, nangomkhosi wamadokodo; bangabonakali phambi kukaJehova bengenalutho.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UDuteronomi 16:16
29 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

USolomoni wayenikela kathathu ngonyaka ngeminikelo yokushiswa nangeminikelo yokuthula e-althare ayelakhele uSimakade, eshisa impepho kanye neminikelo phambi kukaSimakade. Wayeseqedile ukwakha indlu.


njengalokhu kufanele, imihla ngemihla. Wayenikela njengokomyalo kaMose, ngamasabatha, ngokwethwasa kwenyanga, nangemikhosi emisiweyo. Wayenikela kathathu ngonyaka: ngomkhosi wesinkwa esingenamvubelo, ngomkhosi wamasonto, nangomkhosi wamadokodo.


Ekuqaleni kwenyanga yesikhombisa, abantu bakwa-Israyeli sebesemizini, bahlangana bonke ngothi lwabo eJerusalema.


Kumele bamemezele eJerusalema nakuyo yonke eminye imizi, bathi: “Khuphukelani ezintabeni, nigawule amagatsha omnqumo nomnqumo wasendle, uthathawe, amasundu nezinye izihlahla, nakhe amadokodo njengokulotshiweyo.”


lapho imindeni ikhuphukela khona, imindeni kaSimakade, ngokomthetho wakwa-Israyeli, ukuba idumise igama likaSimakade.


Baqhubeka emandleni, baze babonakale phambi kukaNkulunkulu eZiyoni.


Simakade Nkulunkulu Wamabandla, yizwa umkhuleko wami, ubeke indlebe, Nkulunkulu kaJakobe. Sela


Mnikeni uSimakade inkazimulo yegama lakhe, nilethe umnikelo, ningene emagcekeni akhe.


“Izibulo lembongolo uyolihlenga ngewundlu; uma ungalihlengi, uyolephula intamo. Wonke amazibulo emadodaneni akho uyowahlenga. Akuyukuza muntu phambi kwami engaphethe lutho.


Ngokuba ngiyozixosha izizwe phambi kwakho, ngandise imingcele yakho, akukho muntu oyonxanela izwe lakho lapho ukhuphuka ukuyobonakala kathathu ngonyaka phambi kukaSimakade uNkulunkulu wakho.


Intengo yalo nenzuzo yalo kuyoba ngcwele kuSimakade; ayiyukunqwatshelwa, ilondolozwe, ngokuba intengo yalo iyoba ngeyabahlala phambi kukaSimakade, ukuze badle, basuthe, babe nezingubo ezinhle.


Bheka, iZiyoni umuzi wemikhosi yethu emisiweyo. Amehlo akho ayakubona iJerusalema, indlu yokuthula, ithende elingenakususwa, okungekho muntu ongabhongcula izikhonkwane zalo, nezintambo zalo akuyukugqashulwa nanini.


Babe baningi ngangemihlambi yaseJerusalema eyehlukaniselwe umhlatshelo ngesikhathi esimiselwe imikhosi yakhona. Kanjalo-ke nemizi ebisele dengwane iyakugcwala izinkumbi zabantu, bayakukwazi ukuthi nginguSimakade.’ ”


“Yisho kubantu bakwa-Israyeli, uthi kubo: ‘Ngosuku lwe-15 lwenyanga yesikhombisa kuyakuba nguMkhosi Wamadokodo kuSimakade, izinsuku eziyisikhombisa.


“Benilindele okuningi, kodwa niyabona-ke, nithole okuncane, lapho nikuyisa ekhaya, ngakuphephetha. Ngobani na?” Kubuza uSimakade Wamabandla. “Ngoba indlu yami iyincithakalo, kodwa nina niyagijima, kube yilowo nalowo endlini yakhe.


Zase zingena endlini, zabona umntwana nonina uMariya, zawa phansi, zakhuleka kuye. Zavula amagugu azo, zamkhunga ngezipho: igolide, amakha, nenhlaka.


Bayibamba, bayishaya, bayibuyisela emuva ilambatha.


Wawususondele uMkhosi wabaJuda wamaDokodo.


Uyogcina umkhosi kuSimakade uNkulunkulu wakho izinsuku eziyisikhombisa, endaweni uSimakade ayoyikhetha, ngokuba uSimakade uNkulunkulu wakho uyokuwubusisa wonke umkhiqizo wakho, nawo wonke umsebenzi wezandla zakho, uthokoze kakhulu.


Yilowo nalowo uyokhipha ngokwamandla akhe, nanjengokwesibusiso uSimakade uNkulunkulu wakho amuphe sona.”


lapho wonke u-Israyeli eze ukubonakala phambi kukaSimakade uNkulunkulu wakho endaweni Yena ayoyikhetha, uyofunda lo mthetho phambi kuka-Israyeli wonke elalele.


Lowo muntu wayesuka emzini wakhe minyaka yonke akhuphukele ukuyokhonza nokuhlabela uSimakade Wamabandla eShilo. Bheka, lapho eShilo kwakuhlala amadodana amabili omphristi u-Eli, uHofini noFinehasi, nawo engabaphristi bakaSimakade.


Bathi: “Uma senizowuphindisela umphongolo kaNkulunkulu ka-Israyeli, ningawuphindiseli ungenalutho. Kodwa ubuyiseleni nomnikelo wecala, khona niyophiliswa; sekuyokwazeka-ke ukuthi kungani isandla sakhe singasuswa kini.”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ