Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UDuteronomi 16:14 - IsiZulu 2020

14 wename ngomkhosi wakho, wena nendodana yakho, indodakazi yakho, inceku yakho, incekukazi yakho, umLevi, umfokazi, intandane, nomfelokazi ophakathi kwamasango akho.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 wename ngomkhosi wakho, wena nendodana yakho, nendodakazi yakho, nenceku yakho, nencekukazi yakho, nomLevi, nomfokazi, nentandane, nomfelokazi abaphakathi kwamasango akho.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

14 Uzakuthokoza edilini lakho, wena lendodana yakho lendodakazi yakho lenceku yakho lencekukazi yakho lomLevi, umfokazi lentandane lomfelokazi abaphakathi kwamasango akho.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UDuteronomi 16:14
14 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Ngalezo zinsuku, abaJuda bakhululwa ezitheni zabo, ngenyanga lapho usizi lwabo lwaphenduka injabulo, ukulila kwabo kwaba yintokozo. Kwakumele kube yizinsuku zedili nentokozo, izinsuku zokuphana izipho ezingukudla, nezipho eziya kwabampofu.


Hamba, udle ukudla kwakho ngentokozo, uphuze iwayini lakho uthokozile enhliziyweni yakho, ngokuba uNkulunkulu uvele ukuvumele lokhu okwenza manje.


Niyakuhlabelela njengasebusuku lapho kugujwa umkhosi, nithokoze ngenhliziyo njengalokho kuhanjwa kubethwa imitshingo, kuyiwa entabeni kaSimakade, kulo iDwala lika-Israyeli.


Abahlengiweyo bakaSimakade bayakubuya baye eZiyoni ngokwethaba, intokozo engunaphakade ibe phezu kwamakhanda abo; bayakuthola ukujabula nokuthokoza, kubaleke usizi nokububula.


Akuqothulwanga yini ukudla phambi kwamehlo ethu, kwaphela intokozo nenjabulo endlini kaNkulunkulu wethu, na?


Niyothokoza phambi kukaSimakade uNkulunkulu wenu, nina namadodana enu, amadodakazi enu, izinceku zenu, izincekukazi zenu, nomLevi ophakathi kwamasango enu, lokhu engenasabelo nafa elingelakhe phakathi kwenu.


nomLevi, lokhu engenasabelo nafa nawe, umfokazi, intandane, nomfelokazi, abasemizini yenu. Bayoza, badle, basuthe ukuze uSimakade uNkulunkulu wenu anibusise emsebenzini wonke wesandla senu eniwenzayo.”


Uyokwenama phambi kukaSimakade uNkulunkulu wakho, wena nendodana yakho, indodakazi yakho, inceku yakho, incekukazi yakho, umLevi ohlala emzini wakho, umfokazi, intandane, nomfelokazi ohlala phakathi kwenu, uyokwenza lokhu endaweni uSimakade uNkulunkulu wakho ayakuyikhetha ukuba igama lakhe lihlale khona.


Uyogcina umkhosi kuSimakade uNkulunkulu wakho izinsuku eziyisikhombisa, endaweni uSimakade ayoyikhetha, ngokuba uSimakade uNkulunkulu wakho uyokuwubusisa wonke umkhiqizo wakho, nawo wonke umsebenzi wezandla zakho, uthokoze kakhulu.


uyothokoza ngakho konke okuhle uSimakade uNkulunkulu wakho akunike khona, wena nendlu yakho, wena nomLevi, nomfokazi ophakathi kwenu.”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ