Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UDuteronomi 15:11 - IsiZulu 2020

11 Abampofu bayohlala bekhona ezweni; ngakho-ke ngiyaniyala, ngithi: ‘Niyomvulela nokumvulela umfowenu isandla senu ngokuphana, abampofu bakini nabasweleyo bakini ezweni lakini.’

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 Ngokuba ompofu akasoze aphela ezweni; ngakho-ke ngiyakuyala ngithi: ‘Womvulela nokumvulela umfowenu isandla sakho, abaswelayo bakho nabampofu bakho ezweni lakini.’

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

11 Ngokuba ompofu akasoze aphela ezweni; ngalokho ngiyakuyala, ngithi: Womvulela kakhulu umfowenu isandla sakho, ompofu wakho nompofu wakho ezweni lakini.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UDuteronomi 15:11
17 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

kodwa ngonyaka wesikhombisa uyakuyiphumuza, awuyukuyilima; uyakuyiyeka ibe yifusi, ukuze abampofu bakini badle, kuthi lokho abakushiyayo kudliwe yizilwane zasendle. Uyokwenza kanjalo nangesivini sakho nangeminqumo yakho.


Onomusa kompofu wetsheleka uSimakade; uyakuthola umvuzo.


Abacebile nabampofu bayefana; bonke benziwe nguSimakade.


Uyamvulela ohluphekayo isandla sakhe, yebo, uyabapha nabantulayo.


engacindezeli muntu, ebuyisela kotshelekayo isibambiso sakhe, engaphangi nokuphanga, kepha epha abalambileyo isinkwa sakhe, embathisa abanqunu,


Ngokuba abampofu ninabo njalo, kodwa Mina aniyukuhlala ninami njalo.


Muphe ocela utho kuwe, ungamlanduleli ofuna ukutsheleka kuwe.


Abampofu niyohlala ninabo njalo; ningabenzela okuhle noma nini uma nithanda, kodwa Mina aninami njalo.


Thengisani ngeninakho, nabele abampofu, nizenzele izikhwama zemali ezingagugiyo, ingcebo engapheliyo ezulwini; lapho kungasondeli khona sela nanundu, ukuba yone.


Ngokuba abampofu ninabo njalo, kodwa Mina aniyukuba nami njalo.”


Bathengisa ngomhlaba nangempahla, bababela bonke ngangokwezidingo zabo.


“Uma kukhona ompofu phakathi kwenu, engomunye wabafowenu, ehlala komunye wemizi esezweni lakini uSimakade uNkulunkulu wenu aninika lona, aniyukuyenza lukhuni inhliziyo yenu; aniyukumncisha lutho kweninakho umfowenu ontulayo.


Kepha niyomvulela isandla senu, umtsheleke ngokungathi uyamupha okwanele izidingo zakhe nokweswela kwakhe.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ