Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UDuteronomi 14:26 - IsiZulu 2020

26 Uyothenga ngaleyo mali noma yini inhliziyo yakho eyithandayo: izinkabi, izimvu, iwayini, uphuzo olunamandla, noma yini efunwa yinhliziyo yakho, uyodla lapho phambi kukaSimakade uNkulunkulu wakho, uthokoze, wena nabendlu yakho;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

26 uthenge ngaleyo mali noma intoni umphefumulo wakho oyithandayo, izinkabi, noma izimvu, noma iwayini, noma uphuzo olunamandla, noma intoni umphefumulo wakho oyifunayo, udle khona phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho, wename, wena nabendlu yakho;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

26 Kumelwe ukhiphe leyo mali kukho konke umphefumulo wakho okufisayo, ngezinkomo noma ngezinkomo noma ngewayini noma ngophuzo olunamandla noma kukho konke umphefumulo wakho okufisayo; udle khona phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho, ujabule, wena nendlu yakho;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UDuteronomi 14:26
16 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

kuze kufike ekhulwini lamathalenta esiliva, nekhulu lamakhora kakolo, amabhathi ayikhulu ewayini, amabhathi alikhulu amafutha, nosawoti ongenakubalwa.


Baba nenkwankwa nokuhaha ehlane, bamlinga uNkulunkulu kwahlongasibi.


Hamba, udle ukudla kwakho ngentokozo, uphuze iwayini lakho uthokozile enhliziyweni yakho, ngokuba uNkulunkulu uvele ukuvumele lokhu okwenza manje.


UJesu wangena ethempelini, waxosha bonke abathengisayo nabathengayo ethempelini, wagumbukuqela amatafula abashintshisa ngemali, nezihlalo zabathengisa ngamajuba.


Bafika eJerusalema. UJesu wangena ethempelini, waqala ukuxosha abathengisayo nabathengayo ethempelini. Wagumbuqela amatafula alabo ababeshintshelana imali, nezihlalo zabathengisa ngamajuba.


Lezo zinto zenzeka ukuze zibe yisibonelo kithi, ukuze singafisi okubi, njengokuba bona bakufisa.


Niyothokoza phambi kukaSimakade uNkulunkulu wenu, nina namadodana enu, amadodakazi enu, izinceku zenu, izincekukazi zenu, nomLevi ophakathi kwamasango enu, lokhu engenasabelo nafa elingelakhe phakathi kwenu.


“Ningahlaba, nidle inyama phakathi kwayo yonke imizi yenu njengesifiso senhliziyo yenu nanjengesibusiso uSimakade uNkulunkulu wenu aniphe sona phakathi kwamasango enu. Ongcolileyo nohlambulukileyo bayokudla kukho njengalokhu benza kweyensephe neyendluzele.


Khona niyokudla phambi kukaSimakade uNkulunkulu wenu, endaweni ayoyikhetha uSimakade uNkulunkulu wenu. Kuleyo ndawo, wena nendodana yakho, indodakazi yakho, inceku yakho, incekukazi yakho, nomLevi ohlala emzini wakho, niyothokoza phambi kukaSimakade uNkulunkulu wenu ngayo yonke imikhiqizo yenu.


Niyakudla lapho phambi kukaSimakade uNkulunkulu wenu, nithokoze ngakho konke enibeka isandla senu kukho, nina nabendlu yenu, uSimakade uNkulunkulu wakho anibusise ngakho.


uyakukwenana ngemali, uyisonge imali esandleni sakho, uye endaweni uSimakade uNkulunkulu wakho ayoyikhetha.


uyothokoza ngakho konke okuhle uSimakade uNkulunkulu wakho akunike khona, wena nendlu yakho, wena nomLevi, nomfokazi ophakathi kwenu.”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ