Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UDuteronomi 12:32 - IsiZulu 2020

32 “Konke enginiyala ngakho, qaphelani ukuba nikwenze; aniyukuthasisela kukho, futhi aniyukunciphisa lutho kukho.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

32 “Konke enginiyala ngakho, anoqaphela ukuba nikwenze; awuyikuthasisela kukho, futhi ungakunciphisi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

32 Konke engikuyala ngakho, nikwenze ngokucophelela;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UDuteronomi 12:32
9 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Niyogcina zonke izimiso, izehlulelo, umthetho, nemiyalo anilobela khona, futhi niyoqikelela ukuba nikwenze. Ningabesabi abanye onkulunkulu.


Ungenezeli emazwini akhe, funa akusole, ufunyanwe ungumqambimanga.


USimakade wathi kimi: “Ndodana yomuntu, qaphelisisa, uzibonele ngawakho amehlo, uzizwele ngezakho izindlebe konke engikukhuluma kuwe maqondana nazo zonke izimiso zendlu kaSimakade, nangayo yonke imithetho yayo; uyiqaphelisise indawo yokungena yendlu, nazo zonke izindawo zokuphuma zendlu engcwele.


Nibafundise ukukugcina konke enginiyale ngakho. Niyabona, Mina nginani izinsuku zonke, kuze kube sekupheleni kwezwe.”


uma nililalela izwi likaSimakade uNkulunkulu wenu ukuba nigcine yonke imiyalo yakhe enginiyala ngayo namuhla, nenze okulungile emehlweni kaSimakade uNkulunkulu wenu.”


uyoyigcina yonke le miyalo engikuyala ngayo namuhla ukuba uyenze, ukumthanda uSimakade uNkulunkulu wakho, ukuhamba nsuku zonke ngezindlela zakhe, uyozithasiselela futhi ngeminye imizi emithathu ngaphezu kwalena emithathu ekhona,


Aniyukuthasisela ezwini enginiyala ngalo, futhi aniyukunciphisa lutho kulo, kodwa gcinani imiyalo kaSimakade uNkulunkulu wenu enginiyala ngayo.


Qina kuphela, ube nesibindi kakhulu, uqaphele ukwenza njengokomthetho wonke inceku yami uMose akuyala ngawo. Ungachezuki nakancane kuwo, uye ngakwesokunene noma ngakwesokhohlo, ukuze ube nempumelelo noma kuphi lapho uya khona.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ