Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UDuteronomi 1:5 - IsiZulu 2020

5 Ngaphesheya kweJordani, kwaMowabi, uMose waqala ukuwuchaza lo mthetho, wathi:

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Ngaphesheya kweJordani ezweni lakwaMowabi uMose waqala ukuchasisela lo mthetho ngokuthi:

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Ngaphesheya kweJordani, ezweni lakwaMowabi, uMose waqala ukumemezela lo mthetho, wathi:

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UDuteronomi 1:5
8 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Lokhu kwenzeka emveni kokuba enqobe uSihoni, inkosi yama-Amori, owayehlala eHeshibhoni, no-Ogi, inkosi yaseBhashani, owayehlala e-Ashitharothi ngase-Edireyi.


“USimakade uNkulunkulu wethu wakhuluma kithi eHorebhe, wathi: ‘Senihlale isikhathi eside kule ntaba;


UMose waloba lo mthetho, wawunika abaphristi, amadodana kaLevi ayethwala umphongolo wesivumelwano sikaSimakade, nawo wonke amalunga akwa-Israyeli.


wathi kubo: “Agcineni enhliziyweni yenu wonke lawa mazwi enginixwayisa ngawo namuhla, niyale ngawo abantwana benu, ukuze baqikelele ukuwenza wonke amazwi alo mthetho.


Yiwo lo umthetho uMose awubeka phambi kwabantu bakwa-Israyeli,


phesheya kweJordani esigodini maqondana neBhethi Pheyori ezweni likaSihoni inkosi yama-Amori, owayehlala eHeshibhoni, owanqotshwa nguMose nabantu bakwa-Israyeli ekuphumeni kwabo eGibhithe.


Yisiphi isizwe esikhulu esinezimiso nezehlulelo ezilungile njengawo wonke lo mthetho engiwubeka phambi kwenu namuhla na?


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ