Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UDaniyeli 9:24 - IsiZulu 2020

24 “Amasonto angama-70 anqunyelwe abantu bakho nomuzi wakho ongcwele ukuqeda iziphambeko, nokukhawula izono, nokwenza ukubuyisana ngobubi, nokungenisa ukulunga okuphakade, nokunamathelisa umbono nesiphrofetho, nokugcoba indlu engcwelengcwele.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

24 “Amasonto angamashumi ayisikhombisa anqunyelwe abantu bakho nomuzi wakho ongcwele ukuqeda iziphambeko, nokukhawula izono, nokwenza ukubuyisana ngobubi, nokungenisa ukulunga okuphakade, nokunamathelisa umbono nesiprofetho, nokugcoba indlu engcwelengcwele.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

24 Amasonto angamashumi ayisikhombisa amiselwe phezu kwabantu bakini naphezu komuzi wakho ongcwele ukuba afeze isiphambeko, aphelelise izono, enze ukubuyisana ngobubi, angenise ukulunga okuphakade, anamathelise umbono nesiprofetho, agcobe ibandla. Ngcwelengcwele.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UDaniyeli 9:24
50 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

abaphristi bazihlaba, benza ngegazi lazo umnikelo wesono e-althare, ukuze benzele wonke u-Israyeli ukubuyisana. Inkosi yayiyalezile ukuba umnikelo wokushiswa nomnikelo wesono ube ngoka-Israyeli wonke.


“Mina ngiyibekile inkosi yami, entabeni yami engcwele iZiyoni.”


Uthanda ukulunga, uzonde ububi. Yingakho uNkulunkulu, uNkulunkulu wakho, ekugcobe ngamafutha entokozo ngaphezulu kwabangani bakho.


Akayukudangala, aphele amandla, aze amise ubulungiswa emhlabeni; neziqhingi ziyolindela ukuyala kwakhe.”


Phakamiselani amehlo enu ezulwini, nibheke emhlabeni phansi, ngokuba izulu liyakunyamalala njengentuthu, umhlaba uguge njengengubo, nabakhileyo kuwo bafe njengomiyane, kodwa insindiso yami iyakuma kuze kube phakade, nokulunga kwami akuyukuphela.


Ngokuba inundu iyakubadla njengengubo, nebhu libadle njengoboya bezimvu, kodwa ukulunga kwami kuyakuma kuze kube phakade, nensindiso yami ezizukulwaneni ngezizukulwane.”


Usho kanje uSimakade, uthi: “Gcinani ubulungiswa, nenze ukulunga, ngokuba insindiso yami iseduze ukuba ifike, nokulunga kwami ukuba kwambulwe.


UMoya weNkosi uSimakade uphezu kwami, ngokuba uSimakade ungigcobile ukuba ngishumayele izindaba ezinhle kwabathotshisiweyo; ungithumele ukubopha abanhliziyo zaphukile, ukumemezela ukukhululwa kwabathunjiweyo, nokudedelwa kweziboshwa ejele.


Isigwebo sakho nesikhathi sokuthunjwa kwakho sekuphelile, ndodakazi, yaseZiyoni. Kodwa wena, ndodakazi, yakwa-Edomi, uzojeziswa, Yena uzozambula izono zakho, ngenxa yobubi bakho.


“Ndodana yomuntu, khihla isililo ngenkosi yaseThire, uthi kuyo: ‘Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: “ ‘ “Wawuyisibonelo sokupheleleyo; ugcwele ukuhlakanipha, uphelele ngobuhle.


Ngikubekele izinsuku ezingangenani leminyaka yokona kwabo. Wena-ke uyakuthwala isiphambeko sendlu yakwa-Israyeli izinsuku ezingama-390.


“Kuyothi lapho usuziqedile lezi, uphinde ulale futhi ngohlangothi lwesokunene, ngokwesibili uyothwala isiphambeko sendlu yakwaJuda. Ngikunqumele izinsuku ezingama-40 kulokhu, yilolo nalolo suku lungunyaka.


“ ‘Uyozibalela amasabatha ayisikhombisa eminyaka, iminyaka eyisikhombisa iphindwe kasikhombisa, izinsuku eziyisikhombisa zamasabatha ayisikhombisa ngonyaka, okwenza iminyaka engama-49.


UMose wayihlaba, wathatha igazi walibheca ngomunwe wakhe ezimpondweni ze-althare nxazonke, walihlambulula i-althare, igazi eliseleyo walithululela esinqeni se-althare, walingcwelisa kanjalo ukuba alenzele ukubuyisana.


Yayisithi: “Lawa ngamadodana agcotshiweyo, ame ngakuMnuzane womhlaba wonke.”


Njengokwenani lezinsuku enahlola ngazo izwe, izinsuku ezingama-40, usuku luyokuba unyaka. Niyakuthwala ububi benu iminyaka engama-40, nize nazi ukuthi kuba njani lapho ngimelana nani.’


Uzakuzala iNdodana, uyiqambe igama uthi nguJesu, ngokuba nguye oyakusindisa abantu bakhe ezonweni zabo.”


Ngokuba bonke abaphrofethi bomthetho baphrofetha kwaze kwafika uJohane.


USathane wamthatha, wamyisa emzini ongcwele, wammisa esiqongweni sethempeli,


wathi: “Ufunani kithi Wena Jesu waseNazaretha na? Uze ukuba uzosibhubhisa na? Ngiyakwazi ukuthi ungubani – ungoNgcwele kaNkulunkulu.”


Ingelosi yaphendula, yathi kuye: “UMoya oNgcwele uzakuza phezu kwakho, amandla oPhezukonke akusibekele; ngakho-ke lo ongcwele, ozakuzalwa, uzakubizwa ngokuthi yiNdodana kaNkulunkulu.


Ngokuba lezi kuyakube kuyizinsuku zempindiselo ukuze kugcwaliseke konke okulotshiweyo.


U-Andreya waqala wafumana umfowabo uSimoni, wathi kuye: “Simtholile uMesiya,” okungukuthi uma lihunyushwa, uKhristu.


Othunywe nguNkulunkulu ukhuluma amazwi kaNkulunkulu, ngokuba uNkulunkulu umuphe ngokupheleleyo uMoya.


Kodwa nina namphika oNgcwele noLungileyo, nacela ukuba nikhululelwe umbulali,


UMose impela wathi: ‘INkosi uNkulunkulu uyakunivusela umphrofethi onjengami kubazalwane benu, niyakukulalela konke akukhuluma kini.’


Amakhosi omhlaba aviva ndawonye, nababusi bahlangene ukumelana neNkosi kanye noGcotshiweyo wayo.’


Ngokuba uma sathi siseyizitha, sathola ukubuyisana noNkulunkulu ngokufa kweNdodana yakhe, kuyacaca bha ukuthi siyakusindiswa ngokuphila kwayo sesikutholile ukubuyisana.


Kepha ngoNkulunkulu, nikuJesu Khristu owenzelwe thina, waba ngukuhlakanipha kwethu okuvela kuNkulunkulu nokulunga, nokungcweliswa kanye nokuhlengwa,


ngifunyanwe kuye ngingenakho ukulunga okungokomthetho, kodwa lokho okuvela ngokukholwa nguKhristu, ngisho ukulunga okuvela kuNkulunkulu ngokukholwa,


nokuba ngayo abuyisane nakho konke, esenzile ukuthula ngegazi lesiphambano sayo, yebo ngayo, noma yizinto ezisemhlabeni noma ezisezulwini.


Wayesula incwadi yecala lethu, eyayimelene nathi ngemiyalo ekuyo, wayisusa ngokuyibethela esiphambanweni.


Ngokuba ngamnikelo munye nje, ubaphelelise unomphelo labo abangcwelisiweyo.


Ngakho kwamfanela ukuba abe njengabafowabo kukho konke, ukuze abe ngumphristi omkhulu onozwelo nothembekileyo kokukaNkulunkulu, kube yinhlawulo yezono zabantu.


Ngokuba umphristi omkhulu onjengaye usifanele thina; ongcwele, ongenacala, ongenasici, owehlukanisiwe kwabayizoni, owenziwe waphakama phezu kwamazulu.


Kungenjalo wayemelwe ukuhlupheka ngokuphindiweyo selokhu kwasekelwa umhlaba, kepha manje ubonakaliswe kwaba kanye ekupheleleni kwezikhathi, ukuba asuse izono ngokuzinikela kwakhe.


USimoni Phethro, inceku nomphostoli kaJesu Khristu, kulabo abemukele ukukholwa okuyigugu kanye nathi, ngokulunga kukaNkulunkulu wethu noMsindisi uJesu Khristu:


Owenza isono, ungokaSathane, ngokuba uSathane wona kwasekuqaleni. INdodana kaNkulunkulu yabonakaliswa ngalokhu, ukuze iyiqede iphele nya imisebenzi kaSathane.


Ngabona futhi enye ingelosi indiza emkhathini wezulu, inevangeli eliphakade, eyakulishumayela kulabo abahleli emhlabeni, nakuzo zonke izizwe, imindeni, izilimi nabantu.


“Nakuyo ingelosi yebandla laseFiladelfiya loba ukuthi: “ ‘Nakhu akushoyo ongcwele, oqinisileyo, onesihluthulelo sikaDavide, ovula kungavali muntu, novala kungavuli muntu, uthi:


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ